Isimo esiphuthumayo ngengxibongo yezinkawu

Dylan Bettencourt

I-World Health Organisation (WHO) isimemezele ukuqubuka kwengxibongo yezinkawu “njengesimo esiphuthumayo sezempilo emhlabeni wonke” esikhathaza umhlaba wonke.

Upokisi wezinkawu manje ujoyina i-swine flu, uvendle, i-Zika, i-Ebola kanye ne-Covid-19 ngokuthi uthole izinga eliphakeme kakhulu lokuqwashisa kwi-WHO.

Cishe sekuqinisekiswe ukutheleleka kwabantu abangu-16,000 emazweni angu-75 ahlukene ezinyangeni ezedlule.

“Sinobhubhane oselubhebhetheke ngokushesha emhlabeni wonke, olusebenzisa izindlela ezintsha zokuthelelana esiziqonda kancane kakhulu,” kusho umqondisi-jikelele uDkt Tedros Adhanom Ghebreyesus.

Njengoba kukhona abantu abaningi kakhulu abathelelekile, i-monkeypox iyakhombisa ukuthi ayisiyo ingozi kakhulu njengoba kunenani eliphansi lokushona kwabantu – bahlanu kuphela abashonile abaqinisekisiwe kuze kube manje.

“Okwamanje lolu wubhubhane olugxile emadodeni enza ucansi nobulili obufanayo. Lokho kusho ukuthi lokhu ukuqubuka okunganqandwa ngamasu afanele ngamaqembu afanele,” kwengeza uDkt Tedros.

Umqondisi-jikelele uchaze ukuthi nakuba amazinga ayo okuba ingozi ephansi emazweni amaningi, eYurophu aphezulu kakhulu.

Ngenyanga edlule i-WHO imemezele ukuthi ukuqubuka kwalesi sifo akusona isimo esiphuthumayo somhlaba wonke njengoba lesi sifo singasiyo ingozi enkulu.

Manje i-WHO inethemba lokuthi ngokukumemezela lesi sifo njengesimo esiphuthumayo izinga lokuthelelana lingehliswa.

Elakuleli lisaqophe isibalo sabathathu abatheleleke ngalesi sifo kuze kube manje, amadoda amathathu angenawo umlando wokuvakasha kwamanye amazwe kanye nesivakashi esivela e-Switzerland esahlola ngesikhathi sise-Limpopo.

Lesi sifo satholwa okokuqala maphakathi ne-Afrika ngeminyaka yango-1950 futhi sisalokhu sikhona emazweni angu-11 ahlukene ase-Afrika.

Izimpawu zihlanganisa umkhuhlane, ikhanda elibuhlungu, imisipha ebuhlungu kanye nokukhathala. Ukuqubuka kuvame ukuvela ngosuku olulodwa kuya kwezinhlanu ngemuva kokungenwa yileli gciwane.

Awukho umuthi wokugomela i-monkeypox kodwa umuthi wokugomela upokisi omncane ukhombise ukusebenza ngempumelelo engu-85% ekulweni nalesi sifo.

I-United Kingdom isiqalile ukukhipha umuthi wokugoma kwabesilisa abathandana nobulili obufanayo ikakhulukazi e-London.

Izihloko zakamuva