Isimemo sobungani saku-Facebook siphethe ngokubulawa

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo 

  • ULindiwe Msiza udutshulwe wabulawa ngemuva kokuhlangana nomngani wakhe amthole ku-Facebook.
  • Umndeni wakhe uthi owesifazane obemmemile usenyamalele akaziwa.

ULindiwe Msiza uhambe kubo eTsakani ngeSonto ebusuku eyogubha usuku lokuzalwa nowesifazane ahlangane naye ku-Facebook kodwa wangabe esabuya.

Umama oneminyaka engu-34 ubudala utholakale eshonile esigangeni eDuduza ngakusasa, edutshulwe amahlandla amaningi.

Ilungu lomphakathi lizithele phezu kwesidumbu sakhe ngoMsombuluko labikela amaphoyisa. Umndeni wakhe uhlonze isidumbu sakhe emakhazeni kahulumeni ase-Heidelberg ngoLwesithathu.

Udadewabo uDeli uthe umndeni ukhathazekile ngesikhathi uLindiwe ethi uzohlangana nomngani wakhe waku-Facebook okokuqala ngqa.

“Usitshele ukuthi umenywe emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa kwenye yezindawo edolobheni. Sabe sesibuza umngane, wathembisa ukuthi bazophepha.

“ULindiwe usuke ekhaya ngezikhathi zehora lesi-7 ebusuku wagibela imoto engaziwa esitobhini. Sikhulume naye ngabo-10 ebusuku wathi sebezobuya,” kusho uDeli.

Kodwa ngoMsombuluko ekuseni, uLindiwe wayengakabuyi. Ucingo lwakhe beluvaliwe futhi umndeni awukwazanga ukumthola.

“Sizamile ukumfonela lona wesifazane kodwa ucingo lwakhe beluvaliwe. Akaphenduli nemiyalezo ku-Facebook,” kusho uDeli.

“Sibuhlungu enhliziyweni. Ukuphela komuntu obengasinika izimpendulo unyamalele. Ingabe ucashile, noma ubeyingxenye yalokhu? Kungani bebulale udadewethu?”

UDeli uthe uLindiwe ubeyithanda indodakazi yakhe waze wathi futhi ubengajwayele ukuzikhipha. “Lobu bekuwubusuku bakhe bokuqala ezikhipha futhi bumlahlekise ngempilo yakhe.”

Umndeni usalinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuze kuqinisekiswe imbangela yokushona kwakhe.

Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo ngesikhathi sokushicilela.

Osesithombeni esingenhla: ULindiwe Msiza.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe umndeni

Izihloko zakamuva