Isimanga umpheki esebenzisa isidoda sePufferfish ekudleni

Umpheki odumile wase-Spain uDabiz Muñoz usedonse amehlo abantu ku-inthanethi ngemuva kokwenza isidlo esinesidoda se-pufferfish esithosiwe!

“Isidoda se-pufferfish esithosiwe. Lokhu akuchazeki nami kusawumangaza umqondo wami lokhu,” esho ezinkundleni zokuxhumana.

Oyedwa ophawulile uthe: “Lokhu ukudla kocansi!”

UMuñoz, osanda kuthola isicoco sokuba ngumpheki ohamba phambili emhlabeni uphethe indawo yokudlela edumile i-DiverXO e-Madrid.

Isidlo esaziwa ngokuthi i-shirako, sithathwa njengesibiliboco esiphambili e-Japan futhi sivamise ukuphakelwa ezindaweni zokudlela ezisezingeni eliphezulu.

Isidoda senhlanzi singenziwa nge-cod, i-monkfish, i-octopi, i-salmon, ne-squid futhi yenziwa ngokuhlukanisa isidoda ezinhlanzini zesilisa.

Isidoda singahluka ngombala kusuka komhlophe kuya kumbala o-pink.

Manje uMuñoz ucabanga ukwengeza lesi sidlo kwimenyu yakhe ekhethekile endaweni yakhe yokudlela, esivele inezinkanyezi ezintathu ze-Michelin.

Lo mpheki waziwa ngobuhlakani bakhe obumangalisayo, uMuñoz uhlezi ekhombisa izindlela ezintsha ezingakahlolwa zokuqonda i-gastronomic”, ngokusho kwewebhusayithi yendawo yokudlela.

Kodwa kulabo abamagange ukuzama isidoda se-pufferfish, siza ngentengo ephezulu. Izivakashi kufanele zithenge ithikithi elibiza ngaphezu kuka-$400 (R7,300) ukuze zijabulele imenyu enezidlo ezingu-12 ezahlukene. 

Iminyaka emibili elandelanayo, uMuñoz uqokwe njengompheki ohamba phambili emhlabeni kuma-Best Chef Awards 2022 e-Madrid.

Ngokusobala uMuñoz uhlale ecabanga izinto ezintsha futhi amakhasimende akhe ajabule ukukuzama lesi sidlo!

Luhlanganiswe intatheli yakwa-Scrolla

Isithombe ngenhla: I-Pufferfish

Izihloko zakamuva