Isimanga umlandeli ejikijela umlotha esiteji

Sezijwayelekile ukwenzeka izinto ezingalindelekile kosaziwayo nabaculi uma benandisa esiteji kodwa uthuke woma umculi uPink ngesikhathi omunye wabalandeli bakhe  ejikijela isikhwama esinomlotha kamawakhe esiteji ngesikhathi enandisa e-London. 

Njengoba lo mculi ubecula ingoma yakhe eshisa izikhotha ethi “Just Like A Pill” emcimbini we-BST Hyde Park e-London, omunye wabalandeli bakhe unqume ukukhumbula umawakhe ngokuphonsa umlotha wakhe esiteji ngesikhathi kucula uPink.

Kwividiyo eqoshiwe, lo wesilisa oneminyaka engu-43 ubudala ubonakala edonsa isikhwama esinomlotha kamawakhw zizwe kanjani ngalesimo abhekene naso.

Kodwa uPink unqume ukubhekana ngqo nalesi simo wabuyisela isikhwama emuva ngaphambi kokuqhubeka nengoma yakhe.

Lo mculi ubesaqhuba uhambo lwakhe lwe-Summer Carnival e-London njengengxenye yomcimbi we-British Summer Time kanti ujabulise abalandeli bakhe ngomculo omnandi nezingoma zakhe ezishisa izikhotha, kodwa ukuphoswa kwesikhwama esinomlotha kumthuse kakhulu. 

Nakuba ebhekane nento ethusayo uPink uzwakalise ukubonga kubalandeli bakhe ku-Twitter, wathi “kuhlezi kuyinjabulo kuye ukujabulisa abalandeli bakhe esiteji.

Ngesikhathi ephinda enandisa ngomculo wakhe omnandi omunye wabalandeli bakhe uphonse ushizi omkhulu oyisondo, okuphinde kwamthusa kakhulu uPink.

Isithombe esingenhla: UPink

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva