Isimanga umdlali webhola eqasha umculi ukuthuthukisa iphimbo lakhe 

Umdlali wesemuva we-Bayern Munich uDayot Upamecano uqashe umculi we-opera ukuthi asize ukuthuthukisa indlela amemeza ngayo enkundleni.

Lo mdlalo wasemuva wase-France uqale ukusebenza nomculi we-opera ukuthuthukisa ikhono lakhe lokumemeza enkundleni.

U-Upamecano kuthiwa ubengomunye wabavikeli abangompetha abathembisa kakhulu ebholeni kodwa wabekezelela ukwehla efomini ngo-2021.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala usebenze kanzima ukuze abuyele efomini futhi esinye sezixazululo asitholile ukufunda ukusebenzisa iphimbo lakhe enkundleni.

Lokhu kumsebenzela kahle kangangokuthi u-Upamecano akagcinanga ngokuzithola esebuyile eqenjini le-Bayern Munich, kodwa futhi ubuyele eqenjini lesizwe lase-France.

Abadlali basemuva bavame ukuba ngabaholi enkundleni yebhola futhi badinga ukuphimisela amaphimbo abo uma besenkundleni.

Kodwa u-Upamecano ubevame ukubhekana nezinhlungu entanyeni nezwi lakhe libe nenkinga uma esememeze isikhathi eside.

“Ngesikhathi ngisemncane, nganginenkinga yokuxhumana nabantu,” etshela i-L’Equipe.

“Ngibone kunesidingo  sokulungisa izwi lami ukuze ngikwazi ukumemeza ngingumdlali wasemuva. Ukusebenza nomculi we-opera kungisizile futhi kubalulekile ukumemeza njengomdlali wasemuva. Kufanele ukwenze ukuze ube umholi.”

Bekungelona izwi lakhe kuphela u-Upamecano abefuna ukulithuthukisa.

Ngesikhathi enquma ukuthuthukisa isivinini namandla akhe, wafaka i-ergometer ngaphansi kwamanzi endaweni yokubhukuda yakubo eyayikala isivinini namandla ngesikhathi ezivocavoca.

Lo mdlali uphinde waqasha umpheki wakhe nomqeqeshi wezokuzivocavoca ukuze athuthukise indlela yakhe yokuphila uma engekho enkundleni.

Umphathi wakhe weBayern Munich, uJulian Nagelsmann uyishayele ihlombe indlela u-Upamecano athuthuke ngayo.

“U-Upa usethuthuke kahle kakhulu. Ubuye esesezingeni eliphezulu,” kusho lo mqeqeshi wase-Germany esithangamini nabezindaba.

“INdebe yoMhlaba ibimlungele njengoba engomunye wabadlali basemuva abahamba phambili futhi ngethemba ukuthi uzowukhulisa umfutho. Siyamdinga u-Upa osefomini ephezulu. Uma ehlala engumqemane uzoba nesigamu sesibili esihle kakhulu sesizini.”

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe ngenhla: UDayot Upamecano

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva