Isimanga udokotela ezijova ngegazi lendodana yakhe

Lubhalwe ngumbhali weStaff

Emzamweni onzima wokuvimba ukuguga usozimali (45) uzijove ngegazi lendodana yakhe.

Ngokwemibiko evela ku-Bloomberg, uBrian Johnson ongusomabhizinisi wezobuchwepheshe owaziwa ngemithi yakhe yokulwa nokuguga ebabazekayo uhlele ukushintshana kwegazi nomndeni ngendlela engafani nezinye.

Indodana kaBryan, uTalmage Johnson (17) ukhiphe ilitha legazi emzimbeni wakhe nokuyinto elingana nengxenye yesihlanu yalo lonke igazi lakhe.

Igazi lakhe libe selihlukaniswa lafakwa kuyise ocwaningweni lokumisa inqubo yokuguga.

UBryan ngokwakhe wanikela ngelitha legazi lakhe kuyise uRichard Johnson (70).

Akukhona okokuqala lesi sigwili senza imikhuba emelene nokuguga kodwa kuyaqala ngqa ukuthi acele usizo lwendodana yakhe engakakhuli ngokwanele ukuthi ingavota.

UBryan Johnson waduma njengomsunguli we-Braintree okuyinkampani yokukhokha eyazuza i-Venmo ngaphambi kokudayiselwa i-PayPal.

Manje udume kabi ngokusebenzisa imali engango-$2 million (R30 million) minyaka yonke ukuze akhulise umthombo wobusha ongatholakali kalula.

Umzamo wakamuva kaJohnson obizwa ngokuthi “i-Project Blueprint” uwukuthatheka kwakhe ngokuhlehlisa inqubo yokuguga futhi uhilela uhlelo oluqinile lwemikhawulo yokudla, ukuzivocavoca okunzima nezinhlelo zokulala kanye nokuhlolwa njalo kwezokwelapha.

Ngesikhathi ucwaningo oluthile luphakamise imiphumela engaba khona yokuvuselela lapho amagundane amadala athola khona igazi kwamancane izinto ezinjalo ziyakuphikisa lokho.

Kubantu abukho ubufakazi obubonisa ukuthi ukushintshana ngegazi kuyasebenza futhi ochwepheshe baye baxwayisa ngemiphumela engemihle engase ibe ingozi okuhlanganisa nokungasebenzi kahle kwezitho zomzimba.

Esithombeni esingenhla: UBryan Johnson nendodana yakhe

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva