Isimanga oweTikTok efika emngcwabeni wakhe

Owesilisa wase-Belgium othanda i-TikTok udlale ngomndeni wakhe kanye nabangani bakhe.

UDavid Baerten owaziwa ngelikaRagnar le Fou ku-TikTok, uqambe amanga ngokushona kwakhe ukuze aveze ukuthi ubani omkhathalela ngempela, kodwa lokhu akwenzile bekuwumdlalo ongemuhle.

Uqhubekile nomdlalo wakhe wathatha nesinqumo sokuqhamuka emngcwabeni wakhe!

UBaerten usebenzise enye yezingane zakhe ukuthi isabalalise izindaba zokushona kwakhe ngokubhala ezinkundleni zokuxhumana.

Abangane nomndeni basale beshaqekile futhi bengakholwa, bekhala ngokulahlekelwa uDavid wabo abamthandayo. 

Bebengazi ukuthi bazoba abalingiswa kulo mdlalo wakhe.

Ngesikhathi abantu sebehlangene begqoke ezimnyama belindele ukuqala komngcwabo, indiza enophephela emhlane yehle isuka esibhakabhakeni kuvele kwaphuma yena uDavid Baerten ephelezelwa ithimba labantu ebeliphethe amakhamera bethwebula indlela abantu abebethuke ngayo ngesikhathi kuqhamuka uDavid.

Ividiyo yalokhu okwenzekile isabalale ngokushesha ku-TikTok kanti ibiveza indlela abantu abebethuke ngayo bekhombisa imizwa ehlukene ngesikhathi bemubona.

Abanye bagijimela uBaerten izinyembezi zigeleza ezihlathini zabo bemanga bekhombisa nenjabulo. Abanye bebeshaqekile endaweni yokupaka izimoto, becubungula lokhu abakubona ngamehlo abo, kubika i-Sky News.

Ngesikhathi kuxoxwa naye mayelana nalokhu akwenzile, uBaerten uveze ukuthi ubezizwa engamukelekile kumndeni wakhe omkhulu futhi ubefuna ukuwufundisa isifundo.

Ngokusobala ubekulangazelela ukunakwa ibona futhi ubesengayihambi imibuthano nemicimbi ehlukahlukene. Kunokuba athole ukhethe ukubafundisa isifundo abangasoze basikhohlwa.

Njengoba abanye abantu bengase bangabaze ukuziphatha kwakhe, uBaerten uthe kusebenzile impela ngoba kusukela ebuyile amanye amalungu omndeni ayekade engasamnakile azame ukulungisa ubudlelwano naye.

Yebo akwenzile akujwayelekile, kodwa uBaerten ukwazile ukuveza ukuthi ubani omkhathalele ngempela ngisho noma amanye amalungu omndeni ecabanga leli ihlaya eledlulele!

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Isithombe esingenhla: Umdlalo

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva