Owesilisa obekhothile unabise iphoyisa ngesibhaxu

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Iphoyisa elingusayitsheni lishaywe ngowesilisa obephuzile ngoLwesibili ebusuku ngemuva kokuthi limcele ukuthi ayeke ukuphuza emphakathini.

Amalungu amabili ophiko lwamaphoyisa i-Visible Police ebeshayela kule ndawo ngesikhathi ebona iqulu lamadoda ehlezi endleleni ephuza utshwala.

La maphoyisa amabili abacele ukuthi bangene ngaphakathi egcekeni njengoba ukuphuza esidlangalaleni kuyicala.

Lokhu akwehlanga kahle kuleli qembu lamadoda abedakiwe okuthiwa anqabile ukwenza lokho okushiwo amaphoyisa.

Aqhubekile nokuthuka kanye nokusabisa la maphoyisa amabili ngaphambi kokuthi ahlasele iphoyisa ephindelela.

Kwividiyo eqoshwe ngomunye wabesilisa, umsolwa ubonakala ephusha futhi eshaya iphoyisa ephindelela ngesikhathi abangani bakhe bemkhuthaza ukuthi athathe isibhamu sephoyisa.

Kuzwakale omunye wamadoda ethi “Mshaye Bafana, lobu tshwala siyazithengela, bayaphapha laba.”

Iphoyisa belibambe isibhamu salo somsebenzi ngesikhathi uzakwabo wesifazane encenga umsolwa ukuthi ayeke ukulishaya baze bakwazi ukuthola ithuba lokushayela basuka endaweni yesigameko.

Le vidiyo isisabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Ufakazi uMorongwa Mokgoshing, uthe ubengakwazi ukusiza ngesikhathi umsolwa eshaya iphoyisa.

“Sizamile ukubonisana naye kodwa ubengafuni kuzwa lutho ngoba ubesevele ephuzile. Bebeqale ukuphuza ngalolo suku ekuseni.”

Ngenxa yobugebengu obudlangile kule ndawo izakhamizi zicele amaphoyisa ukuthi agade imigwaqo, kodwa manje yizona kanye lezi zakhamizi ezixosha amaphoyisa.

UMokgoshing uthe unxusa amaphoyisa ukuthi asuse labo abephula umthetho emigwaqeni yabo.

Okhulumela amaphoyisa ase-Springs uSayitsheni Themba Tshabalala, ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokushaya iphoyisa.

“Iphoyisa lilimale emzimbeni kanti selithole usizo lwezempilo.

“Umsolwa uboshiwe futhi uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Springs maduze.”

Esithombeni esingenhla: Iphoyisa lase-Springs elishayiwe laphucwa isibhamu indoda edakiwe

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva