Isimanga owesilisa eshutheka isikelo ezinqeni

Uboshiwe owesilisa ngokuzama ukushushumbisa isikelo ngokusifaka ezinqeni ejele elidume kabi lase-La Porte County e-Indiana, eMelika. 

Ngesikhathi iziphathimandla zisola ukuthi kukhona okushaya amanzi, ziphoqe lo wesilisa ukuthi kumele aseshwe ngendlela evamile kodwa uvele wakhombisa ulaka.

Iziphathimandla ziphoqeleke ekwenzeni i-electronic body scan.

Abakutholile kubashiye bengawuvali umlomo. Kwimbobo yokuzikhulula bekukhona isikelo esingama-inchayisishiyagalombili.

Ngisho sekubekwe ubufakazi phambi kwakhe ube nenkani ekhombisa ukungazisoli nendelelo, kubika i-Insider.

Imizamo yakhe yokushushumbisa isikelo ejele ayiphumelelanga. Ukubhajwa kwakhe kwesibili kwi-scan kukhombisa ukuthi kunento engaphakathi kuye ezinqeni zakhe, ekugcineni okuvelile ukuthi isikelo.

Ngokuthatha isinyathelo esisheshayo, isikelo sikhishwe ngokuphepha kumsolwa ngaphandle kokulimala.

UKaputeni uDerek J Allen weHhovisi likaSheriff Wesifunda Sase-La Porte uncome uLieutenant Jeff Holt, umsizi womkhuzi wophiko lwejele, ngokuqaphela kwakhe okujulile nokucabanga okusheshayo ekuvimbeleni isimo esingaba yingozi kanye nokwenza okungaphezu kwalokho obekulindelwe.

Yize imininingwane emayelana nokuthi ungubani oboshiwe nesizathu sokuboshwa kwakhe kuseyimpicabadala, kunento eyodwa ecacile lesi akusona isikhathi sokuqala ijele lase-La Porte County libona imigilingwane engaka.

Kusukela ekusetshenzisweni kwe-body scan ngo-2017 kuleli jele, sibamba inqwaba yezinto ezingekho emthethweni, kusukela emishinini yokudweba imizimba kuya kwizidakamizwa kanye namathuluzi ahlukahlukene.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Isithombe esingenhla: Isikelo

Izihloko zakamuva