Isimanga owesilisa eshada namawele amathathu

Kamogelo Olaitan

Ngesikhathi ehlangana nalowo obezoba intombi yakhe ku-Facebook lo wesilisa wase-Congo akukho okunye ayekucabanga ngaphandle kobudlelwano.

Kodwa owesilisa ogama lakhe linguLuwizo wagcina eshade nowesifazane kanye nodadewabo ababili abangamawele.

Engxoxweni abe nayo ne-Afrimax English YouTube Channel ngaphambi nje komshado, uLuwizo wase-South Kivu uveze ukuthi waqala ukuthandana noNatalie.

Uthe ngelinye ilanga eyohlangana nentombi yakhe uNatalie wathola ukuthi akayedwa bangama-triplets, amaga alaba abanye nguNatasha noNadege.

Ngemuva kwesikhathi esithile odadewabo bathi angibashade bonke.

“Bengiphoqelekile ukuthi ngibashade bonke ngoba bangama-triplets. Bekungesona isinqumo esilula,” kusho uLuwizo. 

Omunye udadewabo uNadege uthe ukwabelana ngakho konke bekuyimpilo yabo kusukela besebancane ngakho-ke ukwaba umyeni bekungesona isinqumo esinzima.

“Ngesikhathi simtshela ukuthi kumele asishade sonke wethuka. Kodwa wayesevele esithanda sonke futhi akukho okwakungavimba izinhlelo zethu. Nathi sasimthanda sonke,” kusho uNadege. 

Ekhuluma ngobudlelwano babo obungavamile uNatalie uthe nakuba abantu bekubona kuyinto engeke isoze yenzeka abesifazane abathathu babe nomyeni oyedwa, kubo ukwabelana ngakho konke ukuphila kwabo kusukela beseyizingane.

“Njengoba ubona, sijabule kakhulu. Amaphupho ethu afezekile futhi asihlukaniswa ngabayeni. UNkulunkulu uyizwile imithandazo yethu,” kusho uNatalie.

ULuwizo akakwazanga ukufihla injabulo yakhe.

“Kufanele ulahlekelwe okuthile ukuze uzuze okuthile okukhulu,” ehleka.

Uthe bonke banezinto abazithandayo nendlela yabo yokwenza izinto.

ULuwizo uthe akubona bonke abamesekayo ngesinqumo sakhe futhi nabazali bakhe abayiqondi into ayenzayo.

“Kodwa uthando alunamkhawulo. Ngakho-ke, ngiyajabula ukushada nabo noma ngabe abantu bacabangani,” kusho uLuwizo.

Izihloko zakamuva