Isimanga owesilisa enikela ngesidoda esesikhiqize izingane ezingu-550 

Ubhekene necala owesilisa wase-Netherlands onikele ngesidoda sakhe esesikhiqize izingane ezingu-550 kanti lokhu kungadala ubungozi bokulalana kwezihlobo. 

UJonathan Jacob Meijer ongumculi wase-The Hague, umangalelwe ngumama wenye yezingane zakhe eziningi kanye nenhlangano yase-Netherlands yezingane ezifika emhlabeni ngenxa yokunikelwa kwesidoda.

Kungase kube indlela ehlakaniphile yokwenza imali eyengeziwe, kodwa kubukeka sengathi uMeijer unikele kakhulu ngesidoda sakhe emtholampilo wangakubo kangangoba kunovalo lokuthi unezingane eziningi okungaletha ingozi yokuthi kulalane izihlobo.

Lo mculi usehlala e-Kenya, ngemuva kokufakwa ohlwini lwabangavunyelwe ukunikela ngesidoda kulandela uphenyo lwe-New York Times.

Kodwa lokho akuzange kumvimbe ukuthi aqhubeke. Kukholakala ukuthi uqhubekile nemigilingwane yakhe yokunikela ngesidoda e-Denmark nase-Ukraine, kubika i-Insider.

Kunemigomo e-Netherlands evumela ukuthi owesilisa angakwazi ukunikela isidoda esingaletha izingane ezingu-25 komama abangu-12 abahlukene.

Le mithetho ibekelwe ukugwema ukuzalana nokulalana kwezihlobo, ngokusho kwenhlangano yase-Netherlands i-Donorkind.

Umama owaziwa ngelika-Eva, unengane esebenzise isidoda sikaMeijer ngo-2018.

“Uma ngicabanga ngemiphumela lokhu okungaba nayo enganeni yami, ngifikelwa umuzwa omubi emathunjini ami futhi ngibe ngingaqinisekile ngekusasa layo. Zizoze zibe ngaki izingane ezizozalwa?” kubuza umama.

Icala lihlose ukuthi lo mculi avinjwe ekunikeleni ngesidoda futhi avinjwe kukho konke ukuxhumana nezingane kanye nomama bazo.

Icala liphinde licele ukuthi kubhujiswe noma yisiphi isidoda sikaMeijer esisele emitholampilo.

Akukacaci noma uzovinjelwe yini ukuhlanganisa izingane zakhe ezingu-550 esidlweni sikaKhisimusi.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: Iminikelo yesidoda

Izihloko zakamuva