Isimanga owesifazane oshade amadoda amathathu 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Umama wezingane ezimbili wase-Tanzania udalule ukuthi ushade namadoda amathathu.

Ngokwesiko lase-Afrika amadoda avame ukushada amakhosikazi amathathu, amane noma ayishumi kodwa kubonakala sengathi abesifazane abavunyelwe ukwenza lokho ngaphandle kukaNelly.

UNelly wabelane ngezithombe zakhe nabayeni bakhe abathathu abamamathekayo uJimmy, uDanny kanye noHassan.

Ngokusho kwe-NTV Kenya, uNelly ongumdayisi wezimoto ushade nomlamu wakhe ngemuva kokuthi umyeni wakhe abeshade naye iminyaka eyisishiyagalombili ashone engozini yemoto.

Wabe esenquma ukuba namadoda amaningi futhi kamuva washada namanye amabili.

Sekuphele iyiminyaka eminingi la madoda ehlala ndawonye futhi ngokusho kukaNelly angabangani futhi wonke enza ucansi naye.

Uthe amadoda ajabule futhi enelisekile ngokocansi nangokwezimali futhi awamkhohlisi.

Umbiko uveza ukuthi uNelly uthengele umyeni wakhe ngamunye imoto njengoba bonke bengasebenzi futhi uyabondla.

Kube isimemezelo esishiye abaningi bekhuluma ikakhulukazi njengoba i-polyandry echazwa njengokushada kowesifazane namadoda amabili noma ngaphezulu ngesikhathi esisodwa kuyicala elijeziswa ngokomthetho.

Ummeli wase-Tanzania uNicodemus Agweyo uthi nakuba isithembu sowesilisa samukelekile ngokomthetho isithembu sowesifazane asamukelekile.

“Uma owesifazane eshada namadoda angaphezu kweyodwa ubhekana necala lokubhadla ejele iminyaka emithathu,” etshela i-Ayo TV.

U-Agweyo uthe owesilisa oshada nowesifazane oseshadile noma ngabe inkolo noma isiko lakhe liyamvumela naye unecala futhi ugwetshwa iminyaka emithathu ebhadla ejele.

Ummeli wengeze ngokuthi isigatshana somthetho siqondile futhi asinikezi ezinye izijeziso njengezinhlawulo.

Izihloko zakamuva