Isimanga owesifazane evuka esebhokisini lomngcwabo

Kamogelo Olaitan

Abazilile bese bekulungele ukwehlisela ibhokisi ethuneni – base bezwa umsindo omkhulu oqhamuka esivalweni sebhokisi… ngaphakathi!

Umngcwabo obuse-Peru unqamuke kungazelelwe ngesikhathi owesifazane obesebhokisini eqala ukubhodloza ibhokisi ngesikhathi eqaphela ukuthi ungcwatshwa ephila!

Abazilile bavule ibhokisi bafica owesifazane elele ngaphakathi engaphenduli kodwa evule amehlo.

Esesebhokisini ngemuva evenini, uRosa Isabel Cespede Callaca (36), uphuthunyiswe esibhedlela lapho okuqinisekiswe khona ukuthi uyaphila.

Ngokushesha uRosa ufakwe emishinini.

Isibhedlela sikuqinisekisile ukuthi ubenezimpawu ezithusayo ngesikhathi efika futhi isimo sakhe sibe ngcono ngesikhathi ethola ukwelashwa – okwenze umndeni waba nethemba.

Kodwa ngeshwa uRosa akakwazanga ukuqeda ukululama kwakhe okuyisimangaliso njengoba eshone emahoreni ambalwa kamuva.

URosa ubehamba nabashana bakhe abathathu kanye noyise wabo ngesikhathi bebandakanyeka engozini yemoto emgwaqeni omkhulu.

Yena nomlamu wakhe kuthiwa bashonele esibhedlela kanti izingane ezineminyaka ephakathi kwemihlanu nengu-11 zisalulama.

Umndeni wakhe uthukuthele futhi ufuna izimpendulo esibhedlela esimhambise emakhazeni.

Umamncane wakhe ekhuluma nabezindaba zendawo uthe: “Sifuna ukwazi ukuthi kungani umshana wami ephaphamile ngosuku lomngcwabo wakhe ngesikhathi simhambisa eyongcwatshwa. Sinamavidiyo akhe ephusha futhi ethinta nebhokisi.”

Izihlobo zikholelwa ukuthi kungenzeka ukuthi ubequlekile ngemuva kwengozi okungenzeka ukuthi kungachaza ukuthi kungani odokotela becabange ukuthi ushonile.

Amaphoyisa ase-Peru manje aphenya ngalesi sigameko esenzeke esibhedlela sase-Lambayeque Regional lapho uRosa elashwe khona okokuqala.

Izihloko zakamuva