Isimanga othisha bebanjwa inkunzi esikoleni 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Othisha besikole samabanga aphansi iNoxolo Xauka e-Khayelitsha eKapa babanjwe inkunzi bekhonjwe ngezibhamu abasolwa abane ngoLwesibili ntambama.

Lesi sigameko sidale ukukhathazeka mayelana nezokuphepha kulesi sikole kwaqala nenkulumo ebanzi ngobugebengu endaweni.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Western Cape, uBronagh Hammond usiqinisekisile lesi sigameko wathi uMnyango uyabeseka abasebenzi abathintekile.

“Uthishomkhulu nabasebenzi bazolulekwa ngokwengqondo ngohlelo lwethu lwe-Employee Wellness futhi siyabonga ukuthi abekho abantu ababikiwe ukuthi balimele. Kodwa-ke, imicabango yethu nokweseka kuya kozakwethu ababhekane nesigameko esibuhlungu kanje,” kusho uHammond.

“Sizophinde sixoxisane nesikole mayelana nezokuphepha. Siyethemba ukuthi abenzi bobubi bazobanjwa.”

Abasolwa bantshontshe i-microwave, ama-monitor amabili, amakhompyutha kanye nomakhalekhukhwini abathathu ngaphambi kokuthi babaleke endaweni yesigameko.

Umsebenzi ocele ukungadalulwa igama ngenxa yokwesaba ukuhlaselwa abasolwa uthe bayabonga ukuthi abazange balinyazwe.

“Kodwa sisahlukumezekile. Sithandazela ukuthi kube okokugcina kwenzeka into efana nalena esikoleni sethu,” kusho lo msebenzi.

Isakhamuzi sase-Khayelitsha uNolizwi Ngathane uthe ubugebengu abusalawuleki endaweni.

“Okubuhlungu ukuthi akekho ophephile izigebengu zenza umathanda futhi azesabi muntu,” kusho uNgathane.

Uveze ukuthi kungenzeka ukuthi izigebengu zikhohlise unogada ukuze zingene.

“Onogada ezikoleni abanazo izibhamu basuke bevulela baphinde bavalele abavakashile isango lesikole,” esho.

Okhulumela amaphoyisa e-Western Cape, ukaputeni Nowonga Sukwana ukuqinisekisile ukuthi isiteshi samaphoyisa sase-Harare siphenya icala lokubamba inkunzi.

“Abesilisa ababili bebehlome ngezibhamu kanti abanye ababili bathathe omakhalekhukhwini bothisha bebakhombe ngezibhamu.”

Amaphoyisa amatasa athungatha abasolwa futhi bekungakaboshwa muntu.

Esithombeni esingenhla: Abasebenzi basesikoleni samabanga aphansi basale bekhungathekile ngemuva kokuthi abasolwa abahlomile bagebenge isikole.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva