Isimanga ngomfanekiso oneqhubu ebhulukweni

Kwembulwe umfanekiso wethusi odume kabi emcimbini wokuhlonipha uMarcelo Gallardo njengomqeqeshi ophumelele kakhulu emlandweni we-River Plate.

Akuyona impumelelo yomqeqeshi okukhulunywa ngayo kodwa ukugqama kwesithombe esibaziwe esivuse ukugcona nokuhlonishwa.

Lo msebenzi wobuciko ophakeme ngamamitha ayisishiyagalombili amangalisayo futhi unesisindo esingamathani angu-6.3 manje umi ngokuziqhenya ngaphandle kwenkundla yezemidlalo yase-Monumental.

Lona umfanekiso wengqalabutho uGallardo ephakamisa enye yezindondo ezimbili ze-Copa Libertadores aziwina neqembu le-Buenos Aires.

Umqophi walo mfanekiso uMercedes Savall usesuse umsindo ngokugqamisa kwakhe ngamabomu iqhubu ebhulukweni nokuyinto eyenze kwaba nama-meme ezinkundleni zokuxhumana.

USavall uchaze ukuthi lesi sici esivusa inkanuko besingamabomu, sihlonipha inkulumo engcolile yabantu basendaweni lapho “umzamo” ovame ukuchazwa ngamagama amibalabala.

“Ngenze ihaba lapho ngoba ngangikuqonda njengesenzo esibhekiswe kubalandeli,” kusho uSavall ngesikhathi ekhuluma nephephandaba elidumile lase-Argentina i-La Nacion.

“Kuyingxenye yolimi lwebhola lezinyawo futhi bengifuna ukuletha leyo nto yesintu kwezobuciko. Lokhu ngikwenze ngesibindi,” kusho uSavall.

“Leli ibhola lapho abalandeli abahlezi befuna ukuthi abadlali nabaphathi ‘babeke (imizamo) eminingi kulo’. Kungumyalezo ohambisana nalo mfanekiso.”

USavall udalule okuhlukile ngomfanekiso empeleni wathi kwacelwa umbonisi wephrojekthi owayehlose ukukopisha isithombe se-Charging Bull ku-Wall Street, e-New York. Kuyathakazelisa ukuthi i-scrotum senkunzi sikhanya ngokuphawulekayo njengoba abadlulayo bevame ukusihlikihla ukuze bathole inhlanhla.

UGallardo owine izicoco ezimangalisayo ezingu-14 kuleli qembu ngesikhathi ephethe kusukela ngo-2014 kwaze kwaba uyahamba ngoZibandlela ubonakale engathukile ngenxa yesiphithiphithi esibe khona ngalo mfanekiso onehaba.

“Ngifuna ukudlulisa ukubonga emndenini wami, abangani, ithimba labaqeqeshi kanye nakubadlali abake bama nathi,” esho.

“Leli qembu likhulu ngomlando walo nangokuwina kwalo izindondo. Ngiyabonga kubalandeli. Ngiyohlezi nginazisa. Ngikhulele kuleli qembu futhi ngizoqhubeka ngizinikele kulo kuze kube sekugcineni.”

USavall ukucacisile ukuthi uGallardo akazange abandakanyeke ngokuqondile noma aphikisane nomfanekiso.

“Ngenhlanhla akazange abuze ngalo mfanekiso uye wangivumela ukuthi ngisebenze ngokuthula,” esho.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Umfanekiso oneqhubu elikhulu ebhulukweni

Izihloko zakamuva