Isimanga ngeteku likaR5 million

Sizwe Sibiya

Amateku angamakhulu amabili akhiqizwe isihlabani semfashini esingasekho uVirgil Abloh enze isizumbulu sika-R375 million endalini ebikwi-internet ehlelwe nguSotheby.

Imali ezotholwa ngokudayisa la mateki izongena esikhwameni semifundaze esasungulwa ngumdwebi wamapulani ezakhiwo u-Abloh, oshone ngoLwezi nyakenye ngemuva kokuxinwa isifo somdlavuza.

Lesi sikhwama sisekela abadwebi boHlanga abangama-African-American noma base-Afrika.

Imali engu-R375 million ($25 million) eqoqwe yinkampani endalini ibingaphezulu kakhulu kunezilinganiso zabo zokuqala. Baqale ukubhida ngo-R30,000 ($2,000) ipheya ngalinye futhi babikezele ukuthi bazodayisa phakathi kuka-R75,000 no-R225,000 lilinye, kubika i-The Guardian.

Ipheya ebelishibhe kakhulu lidayiswe ngemali engaphezulu kuka-R1 million.

Iteku elibize kakhulu:  lomuntu ofaka u-5 le-Louis Vuitton ne-Nike Air Force 1 adayiswe ngemali eshaqisayo engu-R5 million ($350,000).

Scrolla World Cup Quiz