Isimanga kuthunjwa isitimela sinabantu

Arthur Greene

Ayikaziwa inhloso yokugasela kwezigelekeqe esitimeleni sase-Nigeria esihamba ngesivinini. 

Kubikwa ukuthi kushone abantu abayisishiyagalolunye ngemuva kokuthi iqembu lezigelekeqe lithumbe isitimela esihamba ngesivinini e-Nigeria, zaqede zavulela ngenhlamvu kwisitimela esinabagibeli abangu-970. Kanti bakholelwa ukuthi kusenabanye abagibeli abangakotholakali. 

Isitimela besisuka enkabeni yedolobha e-Abuja siya edolobheni lase-Kaduna ngoMsombuluko ebusuku lapho kudingeke ukuthi sime ngoba umzila ubuqhunyiswe ngebhomu.

Ngemuva kwesikhashana simile, babe sebevulela ngenhlamvu, kwalimala abantu abangu-22 kwashona abayisishiyagalolunye, ngaphambi kokuthi bathumbe isibalo esingaziwa sabagibeli.

Owesifazane osebenza esibhedlela sase-Kaduna lapho okulashwa khona abalimele, utshele i-BBC ukuthi isisebenzi sikaloliwe simtshele ukuthi abathumbi babayise ehlathini behamba ngezinyawo.

Uthe isisebenzi sikwazile ukubalekela lezi zigelekeqe ngesikhathi siqaqa ngejubane.

Iqembu lezigelekeqe kuthiwa libalekile lapho okwenzeke khona le nhlekelele ngesikhathi kufika amasosha.

“Ukuhlasela kuphazanyiswe amasosha atshalwe kusenesikhathi ngemuva kwalokho izigelekeqe zivele zabaleka ngesikhathi kufika amasosha. Izinhlamvu azikwazanga ukungena ngaphakathi esitimeleni ngoba sivikelekile, kanti lokhu kusindise abanye abagibeli abebelele phansi,” kusho umthombo wezokuphepha utshela abezindaba ze-AFP.

Umzila wesitimela ohamba phakathi kwedolobha lase-Kaduna ne-Abuja phambilini bebecabanga ukuthi uyindlela ephephe kunazo zonke esifundazweni esake sahlaselwa izigelekeqe ezithwala izibhamu eminyakeni edlule.

Lezi zigelekeqe ezazihlomile zabulala inqwaba yabantu ezindaweni ezisenyakatho nentshonalanga phakathi nendawo ne-Nigeria.

Bebengagcini ngokuthumba izinkulungwane zabantu kuphela bebezigcina ukuze bafune isamba semali ngaphambi kokuba bazidedele, lokhu babekwenza ikakhulukazi ezinganeni zesikole kanye nabagibeli.

Isifunda sase-Zamfara esisenyakatho sesicekelwe phansi izigelekeqe – iningi lazo ngama-Fulanis – kangangokuthi uhulumeni usesebenzisa izinyathelo eziqinile njengoba ezama ukulwa nesihlava sokuthunjwa nokubulawa kwabantu.

Umbuso usungule i-no fly zone ukuze kumiswe abadayisi bezikhali abaziletha kulelizwe, kanye nokubhidliza imibhoshongo engomahambanendlwana engu-240 ye-Zamfara. 

Izihloko zakamuva