Lubhalwe nguLungani Zungu
I-ANC ithukuthele igane unwabu ngemuva kokuthi iqembu elisha lezepolitiki elisungulwe owayeyilungu layo lifake isicelo sokuthi igama lalo – i-AANC – libhaliswe okhethweni lukazwelonke lwangonyaka ozayo.
Abanye bathi ngisho nophawu lwe-All African National Congress (AANC) ka-Alex Mzwane linemibala egqamile efana neye-ANC.
Okhulumela i-ANC kuzwelonke, uMnu Pule Mabe ukhwele wadilika kuMzwane wase-Bloemfontein lapho i-ANC ezobe igubha khona iminyaka engu-111 kule mpelasonto.
“Lokhu kuwumzamo wamabomu wokudukisa nokudida abavoti namalungu ethu uma sesiya okhethweni ngonyaka ozayo. Kodwa noma ngabe ngobani abenze lokhu, ngeke baphumelele,” etshela i-Scrolla.Africa.
Akazange aveze ukuthi iqembu lakhe lizosifaka yini isikhalo esisemthethweni kwi-IEC.
UMzwane uzichithile lezi zinsolo wathi: “Abaningi abebengamalungu e-ANC bazwakalise ukuthi bafuna ukujoyina leli qembu uma selingenele ukhetho ngonyaka ozayo. Akekho ontshontshe imibala ye-ANC. Le mibala imahhala ukuthi ingasetshenziswa noma ngubani.”
I-ANC ihlukene phakathi e-Free State – njengezinye izifundazwe eziningi – nokuyinto eholele ekutheni kuphume abanye abaholi bayojoyina amaqembu aphikisayo noma basungule awabo amaqembu.
Lokhu akusiyo into entsha kwi-ANC njengoba kungaqali ukuthi leli qembu libe sempini yokufuna ukwaziwa nelinye iqembu lepolitiki.
Kudala ngo-2005 amalungu eqembu avuka umbhejazane ngesikhathi i-African Independent Congress (AIC) yethulwa umuntu owayengaziwa nowayeyilungu le-ANC uMandla Galo.
I-ANC yasola uGalo ngokuwina amavoti ngenkohliso, yathi leli qembu lisebenzisa imibala efana neye-ANC – omnyama, oluhlaza, nophuzi – ukuze likhohlise abavoti, ikakhulukazi abanganaki kanye nabadala.
I-AIC inezihlalo ezimbili eSishayamthetho sikaZwelonke.
Kamuva nje ngo-2020 iqembu likaHerman Mashaba, i-ActionSA layiswa enkantolo ngelinye iqembu lezombusazwe i-Party for Action ngezinsolo zokweba uphawu lwayo.
Kodwa-ke, wakwazi ukubhalisa iqembu lakhe futhi wangenela ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021.
Ngaphambi kokuthi i-IEC ejutshwe ukwengamela ukhetho nokubhaliswa kwamaqembu ezepolitiki kuleli iphothule uhlelo lokubhalisa i-AANC, leli qembu ngeke libe khona ephepheni lokuvota.
Abaholi bayo bayazethemba ukuthi iqembu lizobe lisohlwini lokuvota linegama nophawu olufanayo.
Okhulumela i-IEC uKate Bapela, akatholakalanga ukuba aphawule njengoba engayiphendulanga imiyalezo nezingcingo ngaphambi kwesikhathi sokushicilela.
Esithombeni esingenhla: Bheka umehluko! Uphawu lwe-ANC oluyingqophamlando eduze kweleqembu elisha i-AANC
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe