Isimanga kufakwa inhliziyo yengulube kumuntu

Arthur Greene

Kuyaqala ngqa emlandweni, ukuthi inhliziyo yengulube ifakwe ngempumelelo emzimbeni womuntu.

Izolo odokotela abahlinzayo eNyuvesi yase-Maryland eMelika bamemezele ukuthi uDavid Bennett oneminyaka engu-57, usesimweni esigculisayo ngemuva kokuhlinzwa.

Odokotela babengeke bakwazi ukufakela uBennett inhliziyo yomuntu futhi wayetshelwe ukuthi uma engahlinzwanga, uzoshona.

“Bekumele akhethe phakathi kokuhlinzwa nokufa,” kusho uBennett ngosuku olwandulela ukuhlinzwa, okwenzeka ngoLwesihlanu.

“Ngiyazi ukuthi lokhu akujwayelekile kodwa akukho okunye engingakwenza,” kusho uBennett.

Ngakho-ke wavuma ukuba ngowokuqala umuntu ozohlinzwa afakwe inhliziyo yengulube.

Inhliziyo yengulube afakwe yona  yashintshwa ngokucophelela ngososayensi ukuze umzimba kaBennett uhambiselane nayo. 

Ukuhlinzwa kwakhe kube yimpendulo kososayensi abaningi osekuphele iminyaka engamashumi bezama ukuthatha izinyathelo zokusebenzisa izitho zezilwane ngenhloso yokuphilisa abantu.

Selokhu kwaqalwa ukufakelwa inhliziyo yokuqala ngqa ngo-1967, kube nokushoda kwezinhliziyo ezitholakalayo kulabo abazidingayo.

Njengamanje bangu-17 abantu abashona nsuku zonke eMelika belinde ukufakelwa inhliziyo yomunye umuntu, ngokusho kwe-BBC.

Uma ukuhlinzwa kukaBennett kubonakala kuyimpumelelo isikhathi eside, kungenzeka ukuthi uye wavula indlela entsha ezosiza iziguli ezidinga ukufakelwa izinhliziyo.

“Lokhu kube yisimangaliso esikhulu lokhu okwenzekile ” kusho indodana kaBennett itshela i-US Today. 

Umthombo wesithombe: @Independent

Izihloko zakamuva