Karabo Rammutla
Umelusi wezimbuzi ubuke enye yezimbuzi nayo yambuka. Ube esephetha ngokuthi isilwane siyamyenga.
Lo mlisa wase-Mayose e-Embashe e-Eastern Cape uye wadlwengula imbuzi waqede wayiklinya.
Lokhu ukudalule ngemuva kokuvalelwa ekhoneni iqembu lezalukazi ezithukuthele, omunye wazo ongumnikazi wembuzi.
Lo mlisa ube ngumuntu wokugcina ukubonwa nalesi silwane.
Futhi ngokusho kwamalungu omphakathi, bekungeyona yodwa le mbuzi etholakale idlwenguliwe yabulawa kulesi sigodi.
Amavidiyo asabalele alo mlisa evuma icala anyakazise izinkundla zokuxhumana.
Ngesikhathi isidumbu sembuzi siphambi kwakhe, lo mlisa uvume konke izalukazi ezimsola ngakho kodwa usole imbuzi ngokumyenga.
Kule vidiyo izalukazi ezithukuthele zizwakala zibuza lo mlisa imibuzo enzima efana nokuthi wake wababona kuphi abantu belala nezilwane.
Engingiza, owesilisa uvume akwenzile futhi utshele lezi zalukazi ukuthi unesikhathi esingakanani edlwengula izilwane.
Nakuba abanye bekuthole kuhlekisa okushiwo yilo mlisa, abathandi bezilwane bathukuthele bagane unwabu futhi bacela ukuthi kwenziwe ubulungiswa nokuthi lo mlisa abhekane nomthetho.
Umhloli omkhulu wakwa-SPCA uMnu Jaco Pieterse, uthe kuzomele kwaziswe iziphathimandla ezifanele ukuze umsolwa athathelwe izinyathelo.
UPieterse uthe uzoxhumana nabakwa-SPCA e-East London ukuthola ukuthi bayasazi yini lesi sigameko nokuthi yiziphi izinyathelo ezithathiwe.