Izithandani esezithembisene umshado cishe ezineminyaka engu-20 ubudala zigwetshwe iminyaka eyishumi nengxenye umuntu ngamunye ejele ngenxa yokudansa.
U-Astiyazh Haghighi (21) kanye nesinqandamathe sakhe, u-Amir Mohammad Ahmadi (22) balahlwe icala lokukhuthaza ukungcola nokungaziphathi okuhlangene nokuphepha kwezwe, kanye nenkulumo yombuso, ngokusho kwe-Human Rights Activists News Agency.
Lokhu kungemuva kokuba befake ividiyo yemizuzwana engu-16 ku-Instagram bedansa ndawonye phambi kwe-Tehran’s Azadi Square, okungenye yezindawo ezinemibhikisho emelene nohulumeni. Laba bobabili banabalandeli abacishe babe isigidi umuntu ngamunye ku-Instagram.
Isigwebo abanikezwe sona umuntu ngamunye sikhulu kunalesi esanikezwa owesilisa owanquma ikhanda unkosikazi wakhe ngenyanga edlule, kubika i-ABC News. Ukudansa esidlangalaleni akukho emthethweni kwabesifazane e-Iran, kanjalo nokudansa kwabesilisa nabesifazane.
Lezi zithandani zaboshwa ngoshova emzini wazo e-Tehran ngomhlaka-1 kuLwezi nyakenye.
Bobabili banqatshelwe ukuthola abammeli futhi imizamo yabo yebheyili yanqatshwa.
Imidanso yabo ayizange ihambisane nemibhikisho emikhulu ephikisana nombuso wase-Iran wama-Islamist, kubika i-BBC.
Kodwa le vidiyo isanconywa njengophawu lwenkululeko yokweseka imibhikisho.
Umbuso oqinile wama-Islamist e-Iran uthi i-Azadi Tower iphinde ibe indawo ebaluleke kakhulu”, kubika i-AFP.
Le indawo eyingqophamlando eyakhiwa ngu-Shah Mohammad Reza Pahlavi ngaphambi nje kokuba akhishwe ngendluzula ngo-1979. Yadwetshwa umdwebi wezakhiwo osebenzisa ukholo lwesi-Bahá’í, i-Iran’s Islamic Republic eye olusebenzayo selokhu yathatha izintambo.
Imibhikisho yase-Iran isuswe ukushona kowesifazane oneminyaka engu-22 ubudala, uMahsa Amini ngesikhathi evalelwe amaphoyisa.
I-United Nations ibike ukuthi bangaphezu kuka-14,000 abantu asebeboshiwe okuhlanganisa izingane, abasubathi kanye nosaziwayo.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Isithombe ngenhla: Izithandani ziyadansa
Umthombo wesithombe: @flykidflo