Isimanga izingane ezincane zisinda ehlathini elinobungozi

Ngemuva kwezinsuku ezingu-40 ehlathini lase-Amazon kutholakale izingane ezine zase-Colombia ezineminyaka engu-13, eyisishiyagalolunye, emine nomunye ononyaka zahlanganiswa nomndeni wazo.

Lezi yizindaba eziyivelakancane ezweni elinenhlekelele nezigameko.

Lezi zingane bezisuka esigodini sase-Araracuara ziya e-San José del Guaviare ngesikhathi indiza iphahlazeka ezintatha mhla zizinye kuNhlaba. Kule ngozi kushone abantu abadala abathathu.

Umkhankaso omkhulu wokubathungatha uthathe amasonto, kodwa bebengatholakali okuholele ekutheni balahle ithemba ukuthi izingane zizotholakala ziphila.

Kodwa inja ekhethekile yezimpi ehogelayo ibathole ekujuleni kwehlathi bengalimele, kodwa bezungezwe izinyoka.

Izelamani ezindala zisebenzise ulwazi lwazo lwezimpande nezitshalo ezidliwayo emahlathini ukuze bazigcine bephila ngokudla okulula okuhlanganisa i-fariña noma ufulawa we-cassava.

“Ngesikhathi indiza iphahlazeka, bathatha i-fariña endaweni yesigameko,” kusho umkhulu wabo uFidencio Valencia etshela izintatheli ngesikhathi kuqhubeka isithangami nabezindaba.

Abantu abaningi okuhlanganisa noMengameli wase-Colombia uGustavo Petro, bahalalisele umndeni ngokuthola izingane kanti noMengameli uvakashe esibhedlela lapho izingane zilulama khona njengoba bese ziphelelwe amanzi emzimbeni. 

Indiza ihambe mhla zizinye kuNhlaba ngemuva kokubhalisa isimo esiphuthumayo. Le nhlekelele yengozi yatholakala ngomhlaka-16 kuNhlaba, kodwa ngaleso sikhathi izingane zase zihambile futhi zisekujuleni kwehlathi.

Luhlanganiswe umbhali we-Staff

Izihloko zakamuva