Isimanga iziboshwa zibulawa zikhishwa izitho zomzimba

Arthur Greene

Iziphathimandla zase-China zisolwe ngokubulala iziboshwa ngasese zakhishwa izinhliziyo namaphaphu ukuze zifakwe kwabanye abantu ngokungekho emthethweni.

Lolu daba luvezwe ngesonto eledlule ithimba labacwaningi abavela eNyuvesi i-Australian National elibuyekeze izinkulungwane zamajenali esayensi ase-China.

Abasebenzi abaningi bezokwelapha ezibhedlela cishe abangu-56 bayabandakanyeka kuloludaba okusolakala ukuthi ilapho okwakhishwa khona izitho ezibalulekile zeziguli ngaphambi kwesinqumo esisemthethweni sokufa kobuchopho.

Ukufa kobuchopho kwenzeka uma isiguli singakwazi ukuphefumula ngaphandle kokusebenzisa umshini wokuphefumula. Lokhu kusho ukuthi inhliziyo yesiguli noma amaphaphu aso asikwa odokotela abahlinzayo ngaphambi kokuba isiguli siyeke ukuphefumula.

Ucwaningo luveze ukuthi lezi zigameko zokubulawa kwabantu zenziwa phakathi konyaka ka-1985 no-2015 lapho kwakukhona iziboshwa ezaziboshelwe  izinkolelo zabo zezombusazwe kanye nendlela yokuziphatha.

Umbhali wocwaningo ophinde abe ne-PhD uMatthew Robertson kanye nodokotela ohlinzayo wokufakelwa kwenhliziyo wakwa-Israel uJacob Lavee, bathe ucwaningo lwabo lukhombisa ukuthi odokotela abahlinzayo bangababulali  bombuso.

“Sithole ukuthi odokotela baba ngababulali egameni lombuso nokuthi indlela yokubulawa kwakuwukukhipha inhliziyo,” kusho uRobertson etshela i-Daily Mail.

NgokukaRobertson isizathu esenza ukuba umbuso uqale ukusebenzisa le ndlela yokuhlinza ingoba izitho zomuntu ezisebenzayo zibaluleke ngendlela emangalisayo.

“Lokhu kuhlinzwa kunenzuzo enkulu kodokotela nasezibhedlela ezikwenzayo.”

Lolu cwaningo olushicilelwe kwi-American Journal of Transplantation luhlonze iziboshwa ezingu-71 ezabulawa lapho odokotela abahlinzayo bezisika izitho zabo zomzimba ezibalulekile.

Kodwa-ke uRobertson noLavee bathe inani langempela leziboshwa ezabulawa kungenzeka libe phezulu kakhulu.

Scrolla World Cup Quiz