Isimanga ithanga liphenduka isikebhe

Dylan Bettencourt

Ukugwedla akuwona umdlalo ojwayelekile, kodwa owesilisa unqume ukuthi uzokwakha umkhumbi ongajwayelekile owenziwe ngethanga. 

Lo msubathi wase-Nebraska eMelika ucabange ukuthi ayikho indlela engcono yokuchitha usuku lwakhe lokuzalwa lweminyaka engu-60 ukwephula irekhodi lebanga elikude kakhulu egwedla ngethanga ezohamba amakhilomitha angu-60 emfuleni.

Kuyisimanga lokhu, uDuane Hansen utshale ithanga engadini yakhe engemuva.

UHansen ubonakale eqoshame ethangeni elikhulu elingu-350kg ngaphambi kokuthi ehle emfuleni – iMissouri ngo-7.30am aphinde abuye ngabo-6.30pm.

Ayikho into efana nosuku emfuleni uhamba ngethanga owazikhulisela lona.

Kodwa uHansen uthe ukugwedla ngethanga akuwona umsebenzi olula. Lolu hambo lwamahora angu-11 lwaba nzima kakhulu.

“Ngihambe amakhilomitha angu-38 ngehla nomfula ngaphandle kokusukuma futhi amadolo ami asabuhlungu,” kusho uHansen kwividiyo efakwe ngabakwa-Reuters.

“Mhlawumbe ngeke ngiphinde ngikuzame lokhu. Uma kukhona owephula leli rekhodi ngizomkhothamela ngoba kunzima.”

Kanye nobuhlungu obungokomzimba uHansen kudingeke abhekane nemvula enamandla kanye nesimo sezulu esibandayo.

“Ngicabange ukuthi kuzomele ngigwedle kakhulu ukuze ngifudumale. Bengingacabangi ngokuyeka,” kusho yena.

“Ngihambe amanye amakhilomitha amane kuya kwayisihlanu laphinde lana. I-Berta inamajika ayisishiyagalombili kuphela ngaphezu komugqa wamanzi. Angikaze ngigwedle isikhathi eside kangaka empilweni yami yonke bekunzima.”

Umbhalo we-Facebook ovela edolobheni lase-Bellevue uchaze uHansen njengesakhamuzi sase-Nebraska esesinesikhathi eside esijabulela ukutshala amathanga amakhulu, ukhamba neminye imifino njengento yokuzilibazisa.”

Lowo owaphula irekhodi ucele izikhulu zedolobha ukuthi zibe khona ukuze impumelelo yakhe ingene ku-Guinness Book of World Records.

Yize irekhodi lingakaziwa okwamanje, uhambo lwakhe  ludlula irekhodi langaphambilini eliphethwe uRick Swenson owaqhopha u-40km ngo-2016.

Akukacaci noma uHansen uzosebenzisa indlela yakhe yezokuthutha njengohlangothi olumnandi esidlweni sakhe sasebusuku maduze nje.

Umthombo wesithombe: @TheWashingtonPost

Izihloko zakamuva