Isimanga isitolo sisinda ngemuva kwesiphepho uFreddy  

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Isitolo esisale simile esifundeni esicekeleke phansi ngemuva kokuthi isiphepho uFreddy sihlasele i-Malawi sibizwa ngokuthi “i-Masalimo 91 shop.”

I-Masalimo (AmaHubo) 91 afundeka kanje: “Akukho okubi okuyokwehlula; akukho nhlekelele eyakusondela etendeni lakho. Ngokuba uyakuyalela izingelosi zakhe ngawe ukuba zikugcine ezindleleni zakho zonke.”

Leli vesi leBhayibheli liwubufakazi bomndeni wamakholwa angamaKristu osinde kulesi siphepho.

Isiphepho uFreddy sidlule nemiphefumulo yabantu abangaphezu kuka-400 e-Malawi kanye nabanye abaningi e-Mozambique nase-Madagascar.

Esifundeni sase-Chiradzulu esiseningizimu ye-Malawi isigodi sonke siye saqothulwa sagqitshwa inhlabathi.

Kodwa esifundeni sase-Thyolo isitolo somndeni sisale simile ngesikhathi kwenzeka le nhlekelele. Batshele ibandla labo lendawo ukuthi kungenxa yokholo lwabo nokuthembela kwabo kuNkulunkulu ukuthi isitolo sabo singabhujiswa isiphepho esiyingozi.

UMnu Mudula Tembo oyikholwa uthe kwenye yamakhempu lapho imindeni engenamakhaya ehlangana khona izokhuleka kuye kwasukuma owesilisa ofakaze ngokuthi ukukholelwa kuNkulunkulu kungasindisa kanjani impilo nempahla.

“Ngibonga uNkulunkulu. Ngiyazi ukuthi akusekho lutho esitolo. Kodwa okungenani isitolo sami sisamile futhi ngizoqala [kabusha] ukusuka lapho,” etshela ibandla.

Izakhiwo zesitolo zimbozwe yimfucumfucu.  Kubonakala nje indawo ezungeze isitolo icekeleke phansi ngemuva kwesiphepho esibi.

Kodwa uTembo uthe le ndoda ayizange iqhoshe ngokuthi isitolo sayo sihlengekile kulesi siphepho. “Ubenikeza ubufakazi kuphela ukuze akhuthaze abantu ukuthi babe nokholo kuNkulunkulu. Igama lesitolo nje [uMasalimo 91] – uNkulunkulu ukubonile ukubaluleka kokusisindisa njengoba sishumayela izwi loMdali,” kusho uMudula.

Ucaphune amazwi ale ndoda wathi: “Ohlala ethembele kophezu kwakho konke uyakuhlala emthunzini kaMninimandla onke. Ngiyakuthi ngoJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami, unguNkulunkulu wami engimethembayo.”

Esithombeni esingenhla: Isitolo i-Masalimo 91

Izihloko zakamuva