
Elmon Tshikhudo
NgoLwesine ekuseni abasebenzi besikole samabanga aphezulu i-Malamulele bafike esikoleni bathola ukuthi abantu bashise izingxenye ezinkulu zesikole.
Bekungokwesibili ukuhlasela kwalolu hlobo kwenzeka kulesi sikole eminyakeni yamuva.
Ngo-2015, isikole samabanga aphezulu i-Malamulele e-Limpopo sabhekana nobunzima obukhulu ngesikhathi kushiswa ingxenye yesikole ngesikhathi kunemibhikisho enodlame endaweni.
Sengathi lokho akwanele, ngoLwesine ekuseni abafundi bahlangabezane nengwadla ngesikhathi befika isikole sigqekeziwe futhi sishisiwe.
Umlilo wango-2015 washisa ingxenye ye-admin nakho konke okwakuqukethwe yiyo futhi ayikakalungiswa kuze kube yinamuhla.
Kunezinto ezebiwe emlilweni wangoLwesine. Kukholakala ukuthi isikole sigqekezwe ngabantu abangaziwa kwaphinde kwebiwa ukudla kwabafundi.
Kushiswe ikilasi negumbi lothisha ukuze kufihlwe ubufakazi.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Mamphaswa Seabi uthe amaphoyisa ebehamba emigwaqeni eqaphile ngesikhathi ezithela phezu komlilo.
“Amasango esikole ebekhiyiwe amaphoyisa agqekeze izingidi ukuze akwazi ukungena emagcekeni, athe uma engena afice igumbi lothisha lisha.” Uthe yilapho okugcinwa khona zonke izinto zokubhala, ama-laptop kanye nemishini yokuphrinta.
Olunye uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi elinye lamakilasi esikole okugcinwa kulo ukudla kwabafundi, nalo ligqekeziwe namaphasela okudla ebengekho. Okunye ukudla bekugcwele emagcekeni esikole.
Sekuqalwe umkhankaso wokuthungatha abasolwa abangaziwa.
Isamba senani lempahla eyonakele alaziwa okwamanje.
UMnu Lawrence Mabunda, oyisakhamuzi sakule ndawo, uthe lesi sigameko siwukhinyabezile umphakathi.
“Kumele kukhunjulwe ukuthi isikole sashiswa ngesikhathi kunemibhikisho kanti uhulumeni akakasakhi kabusha lesi sakhiwo esasha.
“Lokhu kungaphezu kwamandla ethu njengomphakathi ikakhulukazi kubafundi,” esho.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Limpopo uTidimalo Chuene uthe ihhovisi lesifunda kanye nethimba lengqalasizinda bazovakashela isikole ukuyohlola isimo.
USeabi unxuse noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni ukuba athinte umphenyi, uWarrant Officer Mzamane Shivambu, ku-082 319 9724 noma i-Crime Stop ku-0860 010 111, aye esiteshini samaphoyisa esiseduze noma i-My SAPSApp.