Isimanga iqembu liqasha osolwa ngokudlwengula

Dylan Bettencourt

I-Rayo Vallecano ibambelele esinqumweni sayo sokuqasha umphathi oyisiphoxi uCarlos Santiso nakuba bazi ngenkulumo eqoshiwe eputshuziwe lapho ekhuthaze khona abasebenzi bakhe ukuthi badlwengule intombazane esencane ngesikhathi behlangene.

Okwenza izinto zibe zimbi kakhulu, leli qembu liqashe uSantiso ukuthi aphathe iqembu labo labesifazane ngemuva kokuphoqwa ukuthi asule emsebenzini wakhe wangaphambilini.

Umphathi wase-Spain ubephethe iqembu labo labaneminyaka engaphansi kuka-12 kodwa waxoshwa ngoLwezi nyakanye.

Kuthathe izinyanga ezintathu kuphela ukuthi uRayo Vallecano azithuthukise endimeni yakhe yokuqeqesha intsha yabo ukuze athathe izintambo zokuba umphathi eqenjini labesifazane.

“Labasebenzi bayamangalisa kodwa kunezinto esisashoda ngazo,” kusho uSantiso enkulumeni eqoshiwe.

“Kusadingeka senze into efana naleyo eyenziwa yilabo base-Arandina.”

Abadlali abathathu beqembu lase-Spain i-Arandina CF bagwetshwe iminyaka engu-38 umuntu ngamunye ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-15 ngonyaka ka-2017.

Izwi elizwakala enkulemeni eqoshiwe laqinisekiswa i-Guardian. 

Enkulumeni eqoshiwe uSantiso uphinde wathi into efana nesimo sase-Arandina ihlanganisa iqembu libe into eyodwa kwenze nemiphumela yeqembu ibe ngcono kulandela lesi sigameko.

Umqeqeshi ukuqinisekisile ukuthi inkulumo ebiqoshiwe ibiyiqiniso kodwa wagcizelela ukuthi bekuyingxoxo engahlelekile phakathi kwabangani. 

Ngaphandle kokuhlehla kwabalandeli babo, uMengameli we-Rayo Vallecano uRaul Presa uthe ngeke baphoqeleke ukuthi baxoshe uSantiso, ngoba “sisayina ochwepheshe, hhayi abantu nje.”

Inhlangano yabalandeli beqembu le-Rayo Vallecano   ifune ukuthi axoshwe uSantiso, isola uMengameli weqembu ngokweqa omunye umugqa obomvu.

“KuCarlos Santiso, ukunukubeza intombazane ngokocansi ikhona okuhlanganisa iqembu. Ngeke sikwazi ukuvumela umuntu onemicabango enzima kanjena ukuthi ahlale ebhentshini amele i-Rayo Vallecano,” kusho isitatimende seqembu.

Ukuphathwa kwabesifazane eqenjini labo kugqame kakhulu sekugqamile muva nje, njengoba omunye wabadlali baleliqembu bekumele alashwe ngabasebenzi bezempilo bakwamanye amaqembu ngemuva kokuthi bebengenabo odokotela abaqondene nabo.

Umthombo wesithombe: @TheGuardian

Izihloko zakamuva