Isimanga iphoyisa lidedela izimpama kowesifazane

Karabo Rammutla

Umsizi kathisha uye esiteshini samaphoyisa e-Kempton Park e-Gauteng ngoMsombuluko neqembu lozakwabo beyofaka isicelo sokuthola isitifiketi sokugunyazwa emaphoyiseni. Kodwa esikhundleni sokuthola usizo, ushaywe ngempama futhi wathukwa iphoyisa.

Ividiyo yesigameko ikhombisa leli phoyisa lisola owesifazane ngokumthuka ngaphambi kokumshaya ngempama ephindelela.

Le vidiyo isisabalele ezinkundleni zokuxhumana, nokususe imibono eyahlukene kubantu, abanye bazwelana nalo wesifazane kanti abanye bamsola ngokuthuka isisebenzi.

Osebenzisa igama lika-@IG_Porshii libra, obeyingxenye yeqembu eliye esiteshini samaphoyisa, ubhale ku-twitter ukuthi: “Lo wesilisa kusukela ngoLwesihlanu ubethuka laba basizi  kodwa-ke kufike ekutheni bashintshisane ngamazwi. Besilokhu siphindiswa emuva naphambili kuthiwa asiye esiteshini samaphoyisa esiseduzane.”

Ozakwabo bephoyisa bamele lo wesilisa.

“Lo wesifazane wavula icala okuyilaphoke abaqale khona ukuhilizisana naye. Manje sekumele ayohlolwa indlebe,” kusho elinye ilungu leqembu.

Amaphoyisa akugxekile ukuziphatha kwabasebenzi.

Ebhale ku-Twitter ngoLwesibili, abe-SAPS bathi bavakashele lona wesifazane ngoMsombuluko ebusuku emzini wakhe bathola isitatimende kuye kwavulwa icala lobugebengu okumanje lisaqhubeka uphenyo.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uColonel uDimakatso Sello uthe nabo babhalise icala langaphakathi futhi bazoqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka.

“Namuhla ekuseni uNgqongqoshe wamaPhoyisa kanye noKhomishana Kazwelonke Wamaphoyisa balandelele ngokushayela ummangali ucingo, bemqinisekisa ukuthi bazokwenza konke okusemandleni abo ukuqinisekisa ukuthi uyabuthola ubulungiswa.

“Siqinisekisa isizwe ukuthi ngeke sibekezelele noma sivumele noma imaphi amaphoyisa ethu aphatha abammangali ngendlela embi, ikakhulukazi labo abasinde kwi-GBV ,” kusho uNgqongqoshe. 

Izihloko zakamuva