Dylan Bettencourt
Kuphele ihora imizi engaphezu kuka-10 000 inganawo ugesi ngesikhathi inyoka eyodwa icekela phansi izintambo zikagesi edolobheni lase-Japan i-Fukushima.
Lesi sigameko senzeke ngomhlaka-29 kuNhlangulana ngesikhathi le nyoka izulazula esiteshini sikagesi i-Koriyama, ngokusho kwe-Japan Today.
Ngeshwa le nyoka, ingene enkingeni kanti ngesikhathi kwenziwa uphenyo kutholakale izinsalela zayo ezishile kulesi siteshi.
Le mizi isale ingenagesi ihora elilodwa kuphela ngemuva kokuthi kwenzeke lesi sigameko, kuze kwabizwa abezicishamlilo ukuthi bangene kulesi siteshi.
I-Tokyo Electric Power Company ichaze ukuthi kungenzeka ukuthi ukucishwa kukagesi kungenxa yenyoka engene ezintanjeni zikagesi. Ukuphakama kwamandla okungalindelekile okuvela kugesi ogeleze emzimbeni wenyoka ungene ezintanjeni zikagesi kwacisha ugesi ngokuzenzakalelayo.
Kodwa-ke abasebenzi bakwazile ukubuyisa ugesi lingakapheli ihora.
Kodwa-ke ukucishwa kukagesi kufike ngesikhathi esibi kuleli dolobha elibhekene nengwadla eqophe umlando.
I-Tokyo iqophe “usuku lwayo olushisa kakhulu” lwesishiyagalolunye kulandelana mhla zintathu kuNtulikazi lapho amazinga okushisa aku-35 degrees celsius.
Sekuqoshwe amazinga okushisa kuleli dolobha aphezulu kakhulu kusukela ehlobo lango-2015.
Ngenxa yalokhu izintambo zikagesi zase-Japan zibe ngaphansi kwengcindezi yokuhambisana nezidingo zamakhaya asebenzisa ama-air conditioner, ngokusho kwe-Washington Post.
Uhulumeni wase-Japan uxwayiswe ngokuthi izwe lingase libhekane nokushoda kukagesi uma izintambo zikagesi zihlezi zingaphansi kwengcindezi.
Uhulumeni usenxuse abantu bendawo ukuthi bonge ugesi ngezikhathi zantambama ukuze banciphise umfutho wezintambo zikagesi.
Ngo-2011 ukuzamazama komhlaba kwadala ukungasebenzi kahle esikhungweni samandla enuzi e-Fukushima. Lesi sikhungo sinqanyuliwe.
Umthombo wesithombe: @Science