Isimanga intibane izitholela indawo yokuhlala ebhusha

Intibane ingene ebhusha ngesikhathi ibheka indawo yokuhlala e-Bela-Bela okuyibhusha ye-Camo Meat.

Abasebenzi bebesanda kuthola imali yosuku ngesikhathi intibane igijima ingena esitolo iqonda ekhishini.

Umnikazi webhusha, uStephen Nel utshele i-Die Pos ukuthi lesi silwane besibukeka sididekile.

“Intibane ingene ekhishini elingemuva kwebhilidi, kodwa bese ibisingakwazi ukuphuma.”

Akekho obazi ngokuqinisekile ukuthi lesi silwane sasendle besivelaphi.

Kodwa izakhamuzi zisola ukuthi seqe esiqiwini esiseduze i-Forever Resorts.

Ngokubika kwe-Citizen izicishamlilo zendawo zibizelwe ebhusha zakwazi ukubamba le ntibane.

Lesi silwane sithathwe sayiswa esiqiwini e-Forever Resorts.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Isithombe esingenhla: Ngesentibane

Umthombo wesithombe: The Citizen

Izihloko zakamuva