
Arthur Greene
Liyaqhubeka icala enkantolo yase-India ngemuva kokuthi inkawu ibaleke nommese okukholakala ukuthi wasetshenziswa ecaleni lokubulala.
Icala lokubulala elise-Jaipur kudingeke ukuthi limiswe ngesikhathi amaphoyisa kumele avume eNkantolo ukuthi inkawu intshontshe isikhwama esinobufakazi obubalulekile esizoxazulula amacala angu-15 okuhlanganisa nommese owasetshenziswa ekubulaweni.
UShashikant Sharma wabulawa ngonyaka-2016 kwathi isidumbu sakhe satholwa eduze kwesiteshi samaphoyisa sase-Chandwaji e-Jaipur enyakatho ne-India.
Ubufakazi obubalulekile buqoqwe esikhwameni bagcinwa ukuze lelicala liye enkantolo.
Nokho kuthe uma selufikile usuku lokuqulwa kwecala kule nyanga amaphoyisa asale enkemile ngesikhathi sekumele baveze ukuthi isikhwama silahlekile.
Okuxakayo ngokusho kwe-NDTV yase-India isikhwama sobufakazi okukhulunywa ngaso kudingeke sikhishwe endaweni yokugcina izimpahla ngenxa yokuntuleka kwendawo futhi safakwa ngaphansi kwesihlahla okwesikhashana.
Amaphoyisa abenamahloni adalule enkantolo ukuthi inkawu intshontshe isikhwama.
Okubi kakhulu ukuthi iphoyisa ebelijutshwe ukugada isikhwama limisiwe emsebenzini labe selithatha umhlalaphansi embuthweni ngenxa yalokhu. Kuthiwa lidlulile emhlabeni.