Isimanga ingane (3) igwazwa

Dalphine Tagwireyi

Ngemuva kokuba yena nonina begwazwe bobabili balahlwa ehlathini umfanyana oneminyaka emithathu ubudala ubekezelele amanxeba opha eyofuna usizo emzini oseduze.

Ujahidada obelimele uhambe ibanga elingaphezu kwamakhilomitha amathathu ukuze athole usizo wabe eseyokhombisa amaphoyisa lapho okukhona isidumbu sikanina obeneminyaka engu-22 uFezile Nxumalo.

U-Abelwa uthole usizo ngomhlaka-14 kuNhlaba, kodwa yena nomama wakhe base beduke izinyanga ezimbili bevakashele isoka likamama wakhe e-Witbank e-Mpumalanga.

Amaphoyisa athola isidumbu sikaFezile ngomhlaka-18 kuNhlaba ehlathini elise-Driekop e-Limpopo sinamanxeba okugwazwa amaningi.

Isoka likaFezile laboshwa ngamaphoyisa ngalo lolo suku kanti lisagcinwe esitokisini, ngokusho kokhulumela amaphoyisa e-Saps Klipfontein uMpendulo Mabena.

Udadewabo kaFezile uKhangezile Mngomezulu uthe unokuhlukumezeka ngenxa yokuhlaselwa komshana wakhe u-Abhelwa kanti usenezibazi ngenxa yokubona unina egwazwa izikhathi eziningi.

“U-Abelwa ungeniswe esibhedlela i-Dilokong ukuze alashwe njengoba ezikhumbula kahle izehlakalo zokuhlaselwa kabuhlungu azibekezelela kanye nokushona kukanina.”

“Ukhuluma ngendlela isoka likanina labatshela ukuthi umgwaqo oya emzini wakhe unqamula ehlathini, lapho agwaza khona umama nendodana ephindelela.”

UKhangezile uthe ugcine ukuthola umyalezo ovela kuFezile emtshela ukuthi ufike ephephile Emalahleni ngomhlaka-22 kuNdasa. Kwaba okokugcina ukukhuluma naye.

Isoka elihlala e-Limpopo kuthiwa belilokhu lishintsha njalo udaba lokuthi intombi yalo nendodana ikuphi nokwenze umndeni wakwaMngomezulu wasukumela phezulu lolu daba. 

“Ngakhuluma nodadewabo wesoka wathi ngesikhathi umfowabo evakashile wamtshela ukuthi uFezile uzovakasha ngemuva kwezinsuku ezimbili njengoba ayemshiye e-Witbank wangabe esafika.”

UKhangezile uthe umndeni ubone ukuthi kukhona okushaya amanzi ngemuva kokuba isoka libatshele ukuthi uFezile nendodana yakhe bebevakashele ezihlotsheni eGoli njengoba bengenazihlobo khona.

“Savula icala labantu abadukile e-Witbank mhla ziyishumi kuNhlaba satshelwa ukuthi utholakale e-Limpopo ngomhlaka-18 kuNhlaba futhi siyabonga ukuthi u-Abelwa uphephile. Kodwa sikhathazekile ngenhlalakahle yakhe,” kusho udadewabo. 

Umsolwa uzovela eNkantolo ezofaka isicelo sebheyili mhla zimbili kuNhlangulana. 

Scrolla World Cup Quiz