Isimanga imvu igwetshwa emithathu ngelokubulala

Kamogelo Olaitan

Esifundeni sase-Lakes e-South Sudan, akekho umbulali ongabalekela umthetho – ngisho nezilwane.

Imvu ehlasele yabulala owesifazane igwetshwe iminyaka emithathu ibhadla ejele.

Ngisho nangemuva kokuthi iqede isigwebo sayo, le mvu kungenzeka inikezwe umndeni kamufi njenge sinxephezelo, ngokwemithetho yesintu kahulumeni.

Ngokubika kwe-Sudan Today le mvu iboshwe ngasekuqaleni kukaNhlaba ngemuva kokuthi ihlasele owesifazane, yamephule izimbambo.

Owesifazane, u-Adhieu Chaping wase-Rumbek East County ushone ngenxa yokulimala.

Manje le mvu isizohlala iminyaka emithathu ezayo ekhempini yamasosha ekomkhulu yase-Aduel County e-Lakes State.

Okhulumela amaphoyisa ase-Lakes State uMabor Makuac utshele abezindaba ukuthi imvu ibanjiwe kanti okwamanje igcinwe esitokisini esiteshini samaphoyisa e-Maleng Agok Payam.

“Umnikazi umsulwa kanti imvu iyona ewumsolwa,” kusho uMakuac.

“Kufanele iboshwe bese kuthi ngokuhamba kwesikhathi icala lidluliselwe enkantolo yesintu lapho icala elingaqhutshwa khona ngokwaleyo mithetho.”

Umnikazi wemvu, uDuony Manyang Dhal, uyalelwe ukuba akhokhe “isinxephezelo” futhi anikeze umndeni wesisulu izinkomo ezinhlanu.

Izihloko zakamuva