Isimanga ibhele lizitika ngesoda

I-Diet Coke noma i-lemonade light, okuyiziphuzo ezingenashukela ezithandwayo ngokuvamile aziqhathaniseki futhi kuvela ukuthi ibhele lase-Canada lizizwa ngendlela efanayo.

USharon Rosel uvuke ebona ibhele lizitika ngamathini angu-69 yebo angu-69 eziphuzo zakhe ezinesoda.

Ngemuva kokuzitika ibhele lithathe i-whiff eyodwa kulawa amathathu asele ebingakawaphizi yawabeka eceleni, kubike i-CBS.

“Ibhele liphuze amathini amaningi esoda,” kusho uRosel.

Kodwa ibhele belibonakala ukuthi liyakwazi ukuhlukanisa isiphuzo esingenashukela ngoba sisibuyisele eceleni.

Ibhele libe nesikhathi esimnandi, liphuza yonke i-soda yalo yewolintshi ngaphambi kokuthatha i-cola lalandela ngobhiya.

Ibhele belijabule libona ukuthi mangaki amasoda eliwaphuzile.

Kodwa kunesizathu salokho, uRosel uneloli lokudla endaweni eqhelile yase-Canada.

“Sekukaningi ngihlangana namabhele, kodwa angikaze ngiwabone elandela isiphuzo,” kusho uRosel.

Ukuthi ibhele bese licasulwa ukuthi sekusele iziphuzo ezidambisa umzimba kuphela noma bese liphuze kakhulu iziphuzo ezinoshukela akwaziwa, kodwa lilimaze iloli likaRosel lokudla, laphula amafasitela laklebhula nengaphakathi kwiloli.

Akukhona okokuqala kwenzeka isigameko esifana nalesi. Eholidini e-Costa Rica, uxamu wasendle wadala umonakalo ngokuluma umunwe wentombazane encane futhi wayihlwitha ikhekhe layo.

Manje sesiyazi izilwane ziyazithandela izinto ezimnandi nakanjani.

Luhlanganiswe intatheli yeScrolla

Isithombe esingenhla: ibhele

Izihloko zakamuva