Dylan Bettencourt
Umcimbi wosuku lokuzalwa wengane eneminyaka emibili ubudala e-Connecticut eMelika ube nesivakashi esingasilindelekile ngesikhathi ibhele elinezinyo elibolile lifika lingamenywanga futhi liqala ukudla amakhekhe.
Okwenza izinto zibe zimbi nakakhulu, ibhele eliphuma ehlathini lihlale etafuleni ladla wonke amakhekhe phambi kwezihambeli ebezithukile, kubika i-Business Insider.
URauf noLaura Majidian, abebenzele indodana yabo uCyrus umcimbi wokuzalwa bakwazile ukuthatha ividiyo yebhele lidla zonke izibiliboco ebezisetafuleni ngaphambi kokuba libuyele ehlathini.
Kusobala ukuthi amakhekhe abeyintandokazi njengoba ividiyo ikhombisa isilwane sikhotha izindebe ngemuva kwekhekhe ngalinye.
ULaura uchaze lesi sigameko ngokuthi abantu abadala bebegijima bezama ukuqoqa izingane ebezigijima futhi zidansa zizungeza ingadi.
“Nginovalo kancane futhi ngithukile, kodwa wonke umuntu uphephile,” kusho uLaura etshela i-WTNH News.
Izihambeli eziningi zibalekele egaraji kanti ezinye zigijimele ezimotweni zazo zasebenzisa i-hooter ukuzama ukuthusa ibhele kodwa amakhekhe ebemahle kakhulu.
“Bonke abantu abadala bebememeza ibhele belibangela umsindo kodwa alizange likhathazeke,” kusho ubaba uRauf.
Ibhele belingabonakali linolaka. Okuwukuphela kwento abeliyithakasela bekungamakhekhe.
Kuqinisekiswe ngempela ukuthi lo mcimbi wosuku lokuzalwa uzohlala isikhathi eside kwabakwaMajidians nakuba uCyrus engeke akhumbule okuningi okwenzeka ngosuku lokuqala ehlangana nebhele.
Umthombo wesithombe: @Britannica