Dylan Bettencourt
Emasontweni ambalwa edlule, uValentyna Veretska ubaleke nendodakazi yakhe encane ezweni lakubo lase-Ukraine.
Izwe lakhe belibhekene nempi, kodwa phezu kwalokhu ukwazile ukuwina i-Jerusalem Marathon ngoLwesihlanu yize engazange aziqeqeshe njengoba ubelokhu ebaleka.
Umyeni wakhe oneminyaka engu-31 ubudala akazange abaleke uhlale e-Ukraine ukuze alwele izwe lakhe.
Ukubanda nokujuluka bekungamphazamisi ngalutho uVeretska, onqobe umjaho wabesifazane ngesikhathi esingu-2:45:52.
“Lokhu ngikwenzele izwe lami,” kusho lo msubathi ekhuluma ngokunqoba kwakhe. “Ingakho ngigijime ngaqeda kuqala ukuze uma ngifika entanjeni, ngizothola ithuba lokukhuluma nentatheli ngichaze ukuthi kwenzekeni ngempela.”
“Bekumele ngikwenze lokhu nginikeze izwe lami lase-Ukraine ithemba,” etshela i-Insider.
UVeretska usuke e-Ukraine nendodakazi yakhe eneminyaka engu-11 ehamba ibanga elinzima elibhekise e-Poland.
“Bengibona amabhomu nezindiza ezinophephela emhlane. Ngavele ngazitshela ukuthi indodakazi yami kufanele iphephe. Ngesikhathi siqala ukuhlaselwa, ngathatha indodakazi yami ngokushesha nonodoli wayo. Sagijima sangena emotweni ngayishaya yazula,” kuchaza lo msubathi.
Idolobha lakubo kaVeretska i-Mykolaiv libhujiswe amabutho ase-Russia, futhi umgijimi akakwazanga ukufinyelela emndenini wakhe.
“Kunzima kakhulu. Angikwazi ukuxhumana nomndeni wami. Uzifihle ngaphansi komhlaba. Namanje akukho ukuphepha futhi akuyona impilo ejwayelekile le,” kusho lo msubathi.
Umyeni wakhe uthole ukuthi uwine i-marathon wabe esehlela ukufonela uVeretska amtshele indlela aziqhenya ngayo ngaye.
UVeretska akazange aziqeqeshe ngoba impi yamqeda amandla. “Ngangingenawo amandla okugijima.”
“Angizange ngiziqeqeshe, benginengcindezi, ngingakwazi ukugijima,” kuchaza uVeretska.
Lo mqhudelwano bekwi-marathon yakhe yesithathu ngemuva kokuphumelela kwakhe kwa-Israyeli futhi ngokusobala akukhona ukuphumelela kwakhe kokugcina umhlaba usazozwa ngegama likaValentyna Veretska.
Umthombo wesithombe: @Insider