Isimanga evula uMnyango wezaseKhaya emzini wakhe

Everson Luhanga

Kuboshwe ungqondongqondo wase-Zimbabwe ozinze kuleli obesevule uMnyango wezaseKhaya emzini wakhe ose-Hillbrow eGoli okwazi ukukhiqiza izinto ezingombombayi.

USergeant Mduduzi Zondo wamaphoyisa ase-Hillbrow ukuqinisekisile watshela i-Scrolla.Africa ukuthi umsolwa ubekhiqiza omazisi mbumbulu, amakhadi akwa-Sassa, amakhadi asebhange, izincwadi zokushayela, izitifiketi zokuzalwa, izitifiketi zikamatikuletsheni, izitifiketi ze-Covid kanye nezitifiketi zokuvumeleka ukuba nesibhamu.

UZondo uthe amaphoyisa athole ama-hard drive, amakhompuyutha, ama-scan, amaprinta neminye imishini esetshenziswa ukwenza amaphepha angekho emthethweni. Ngesikhathi amaphoyisa emhlasela ubenza amaphepha azowahambisa emakhasimendeni akhe.

Ngesikhathi amaphoyisa ebuza ngencwadi emgunyaza ukuthi angene kuleli lizwe njengoba eqhamuka e-Zimbabwe akakwazanga ukuyiveza wabe esetshela amaphoyisa ukuthi ilahlekile.

Izikhulu zamaphoyisa zilunywe indlebe mayelana nezenzo ezingekho emthethweni zangapholisa maseko zatheleka kulendawo. Ngesikhathi kufika amaphoyisa lo mlisa ubematasa ephrinta amanye amaphepha wabanjwa oqotsheni.

Ngakusasa ekuseni uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng, uLieutenant General Elias Mawela, wenze uphenyo enkabeni yedolobha laseGoli lapho evakashele khona irenki yamatekisi i-MTN Noord ne-Wanderers kanti lawa amarenki amatasa kakhulu kulesi sifundazwe.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bangaphezu kuka-800 abasolwa asebeboshiwe kusukela ngoLwesithathu ebusuku ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala, ukugebenga kanye nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.

Ngaphambi kokuthi lolu hlelo luphele uMawela wabikelwa ngozakwabo esiteshini samaphoyisa e-Hillbrow ukuthi lo oqhamuka ezweni langaphandle e-Zimbabwe utholakale ephethe amaphepha amaningi efulethini abehlala kulo.

Ekhuluma nabezindaba esiteshini samaphoyisa e-Hillbrow, uGeneral Mawela uthe uphenyo lokuqala kombis ukuthi umsolwa usenesikhathi eside eqhuba lelibhizinisi.

Ngemuva kokuthi i-Scrolla.Africa ifake izithombe namavidiyo owesilisa oboshiwe e-Hillbrow ngoLwesine abantu ezinkundleni zokuxhumana bebenokuningi abangakusho.

Abanye baphakamise ukuthi umsolwa kumele anikezwe umsebenzi eMnyangweni wezaseKhaya njengoba ekwazi ukusiza abantu abaningi emzini wakhe futhi angeke kudingeke ukuthi bame kolayini abade.

Omunye ufake igama likaNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula emtshela ukuthi uma lo wesilisa ekwazi ukwenza izincwadi zokushayela ngokukhululeka kungani izwe lithumele umshini ophukile e-Germany “bebengaboleka kulo wesilisa esikhundleni sokuthi izwe lihlupheke.”

Ozibiza ngoDreamer ku-Twitter uthe “Njengoba izwe lisathumele umshini owodwa wokwenza izincwadi zokushayela phesheya lo wesilisa uzenza ehleli endlini”.

UZondo uthe umsolwa uzovela eNkantolo yeZohwebo eGoli ngoLwesibili ngesonto elizayo. Impelasonto yePhasika uzoyichitha ezitokisini zamaphoyisa ezibandayo.

Scrolla World Cup Quiz