Isimanga evuka ekufeni

Isalukazi (76) sikhombisile ukuthi kwesinye isikhathi impilo ingaletha izimanga – ngisho nangemuva kokushona.

Ngesikhathi ephaphama uBella Montoya okuthiwe ushonile esibhedlela uye wathusa izihlobo zakhe ngesikhathi engqongqoza ebhokisini lakhe lomngcwabo.

Lesi sigameko sisuse uphenyo lukahulumeni esibhedlela esinecala lokumemezela ukuthi ushonile.

UMontoya wase-Babahoyo, e-Ecuador ungeniswe esibhedlela ngemuva kokuphathwa isifo sohlangothi kanye nokungasebenzi kwenhliziyo. Naphezu kwemizamo yokumvuselela odokotela esibhedlela bathe ushonile.

Indodana yakhe uGilberto Barbera uchaze ukuthi unina ubequlekile ngesikhathi efika egumbini labezimo eziphuthumayo. Ngemuva kwamahora ambalwa udokotela uye wasitshela izindaba ezishaqisayo zokudlula kwakhe emhlabeni wasinikeza izincwadi ezisemthethweni ezihlanganisa nesitifiketi sokushona.

Ngemuva kwesimemezelo sikadokotela lo mndeni uye wahlela umlindelo. Kodwa-ke, cishe amahora amahlanu ekuseni ngemuva komlindelo abebekhona baphazanyiswe umsindo ovela ebhokisini lomngcwabo, kubika i-The Guardian.

Baye bamangala ngesikhathi uMontoya obegoqwe ngamashidi eshaya ibhokisi engaphakathi ekhombisa ukuthi uyaphila. Ngokushesha umndeni uye wamphuthumisa esibhedlela e-Babahoyo.

Isimo sakhe besebucayi ngokusho kwendodana yakhe. Njengamanje usegumbini labagula kakhulu futhi uthola usizo lwezempilo olufana nokujovwa. Kodwa-ke, odokotela baye bazwakalisa ithemba elincane ngokwelulama kwakhe.

Ukuziphendulela ngalesi sigameko esingajwayelekile uMnyango wezeMpilo e-Ecuador usuqale uphenyo ngodokotela abathintekayo ecaleni likaBella Montoya.

Kuqokwe ikomiti lezobuchwepheshe elizobuyekeza imigudu yesibhedlela mayelana nokukhishwa kwezitifiketi zokushona.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Ibhokisi lomngcwabo

Izihloko zakamuva