Lubhalwe nguNothando Makhubela
Impilo kaSelby Ngomane yashintsha ngendlela ebingalindelekile ngesikhathi eba impumputhe ngonyaka wakhe wokugcina enyuvesi, kodwa ngokuhamba kweminyaka uthweswe iziqu zomthetho waphuma no-distinctions abangu-24.
USelby, odabuka e-Duvha Park Emalahleni wayenza unyaka wakhe wokugcina ezifundweni ze-Mechanical Engineering eNyuvesi yezobuchwepheshe yase-Tshwane (TUT) ngesikhathi eba impumputhe ngoMasingana ngonyaka ka-2014.
“Konke kwakuhamba kahle ngisho nasezifundweni zami ngangenza kahle futhi ngangifunda ngomfundaze waka-Eskom, kodwa nge-semester yami yokugcina impilo yami yashintsha ngingazelele ,” etshela i-Scrolla.Africa.
“Ngikhumbula ukuthi ngaphambi kokuba ngilale ngathumelela intombi yami esingunkosikazi wami njengamanje umqhafazo ngiyitshela ukuthi ngibona sengathi kukhona okungahambi kahle emehlweni ami ngakho ngidinga ukulala,” kusho uSelby.
Ngakusasa ekuseni ngesikhathi uSelby evuka wabuza umzala wakhe ahlala naye ukuthi kungani igumbi lalimnyama kangaka. Kodwa igumbi lalingekho mnyama futhi kwakukhanya bha.
“Ngavele ngaqala ngakhala ngibona kahle ukuthi sengiyimpumputhe. Umzala wami wangiphuthumisa esikhungweni samehlo e-Arcadia. Odokotela bazama ngakho konke ababengakwenza ukungisiza, ngebhadi bahlukeka.”
“Angikwazanga ukuqeda izifundo zami ngaphoqeleka ukuba ngishiye phansi.”
USelby uthe ukulahlekelwa ukubona kwakhe kwamehla ngenhla futhi akakaze aphathwe inoma isiphi isifo esasingaholela ekutheni abe impumputhe selokhu azalwa. Kwatholakala ukuthi unesifo se-retinal esabangela ukungaboni ngokuphelele.
“Impilo ibinzima kanti bekudingeka ngamukele isimo sami esisha okubuhlungu ukuthi kwase kunezinto eziningi engangingakwazi ukuzenzela zona kwakufanele ngithembele kubantu.” Kodwa okujabulisayo uSelby uphumelele naphezu kwesimo sakhe.
Ngemuva kweminyaka engaboni kahle, ngo-2021 waya kokwenza izifundo ze-Labour Law eNyuvesi yezobuchwepheshe yase-Vaal eGoli okuyilapho athola khona iziqu zakhe no-distinction abangu-24.
Usebenzisa i-Sotfware ye-NonVisual Desktop Access (NVDA) eyi-open source screen reader ekuvumela ufunde isistimu yokusebenza kwe-Microsoft Windows.
“Ngabhalisa eNyuvesi yezobuchwepheshe yase-Vaal ukwenza i-Labour Law. Ngemuva kweminyaka emithathu nyakenye ngikwazile ukuphothula iziqu zami ngo-distinctions abangu-24 ezifundweni ezingu-33.”
“Ukulahlekelwa ukubona kungenye yezinselelo ezinkulu engidlule kuzo. Ngikholwa ukuthi ayikho inselelo ongeke ukwazi ukuyinqoba.”
Osesithombeni esingenhla: USelby Ngomane
Umthombo wesithombe: UNothando Makhubela