Buziwe Nocuze
Ngesikhathi owesifazane eya emaphoyiseni eyofuna usizo ukuze athole imali akweletwa yona amaphoyisa aye anqaba ukumsiza.
Ngakho-ke owesifazane obethukuthele waseLwandle, eKapa wenze into engalindelekile.
Lo wesifazane obekhungathekile uphume esiteshini samaphoyisa wabuya nebhakede lendle yomuntu.
Akwaziwa noma uye elokishini lapho okusetshenziswa khona izindlu zangasese zamabhakede wathatha ibhakede elinendle noma uvele wathola ibhakede elincane wazigcwalisela lona ngendle yakhe.
Iqiniso limile lithi: owesifazane (43) uthele indle etafuleni lakwa-SAPS eLwandle.
Lo wesifazane uboshiwe wathweswa icala lokucekela phansi impahla.
Isakhamuzi sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi lo wesifazane ukweletwa imali engaphezu kuka-R3 000 ngabantu basendaweni abasiza uma beswele.
“Okuncane amaphoyisa abengakwenza ukuvula icala. Kodwa amaphoyisa aye enza inhlekisa ngaye. Amaphoyisa acabanga ukuthi anakho konke empilweni kodwa akunjalo. Uma efaka isicelo somsebenzi ayazi ukuthi kumele kwenziwe kanjani,” kusho isakhamuzi.
“Ukuya esiteshini samaphoyisa uyovula icala noma uyobika ngomuntu kuyinselelo. Uma bengahleki bazokuthumela ukuthi ubhale uze ulahle ithemba.”
Esinye isakhamuzi sithe asiqondi ukuthi kungani lo wesifazane eboshiwe.
“Kunamacala amaningi enziwayo ukwedlula leli alenzile. Bebengamcela ukuthi ahlanze itafula esikhundleni sokuthi amaphoyisa ambophe,” esho.
ULusindiso Zintonga uthe ukuziphatha kwalo wesifazane kuyakhombisa ukuthi abawahloniphi amaphoyisa.
“Angiwavikeli amaphoyisa kodwa ukuphonsa indle endlini akukhona nje ukungahloniphi, kodwa kuletha namabhadi kulabo abebekhona ngaleso sikhathi,” kusho uZintonga.
Ufisa ukuthi lo wesifazane ajeziswe ngalokho akwenzile ukuze abantu abacabanga ukwenza into efanayo bazi ukuthi kunemiphumela.
UColonel Andre Traut usiqinisekisile lesi sigameko wathi lo wesifazane uboshelwe ukucekela phansi impahla.
“Usaboshiwe futhi uzobuyela enkantolo yase-Khayelitsha ngomhlaka-24 kuMfumfu,” kusho uTraut.
Isithombe esingenhla: Isiteshi samaphoyisa saseLwandle
Umthombo: @News24