Isimanga egcina isidumbu sikayise kwisiqandisini 

Kuboshwe owesilisa ogcine isidumbu sikayise kwisiqandisini.

Ngokwemibiko yabezindaba base-Dutch owesilisa (82) uvume emaphoyiseni ukuthi wagcina isidumbu sikayise esiqandisini ngoba ubengakwazi ukwehlukana naye.

“Bengingafuni ukumdedela ngoba ukube ngenza njalo bengizomkhumbula,” evuma lokhu ephephandabeni lendawo, kubika i-Sky News.

Lesi sigameko esihlasimulisa umzimba senzeke edolobheni lase-Landgraaf, e-Netherlands ngesikhathi amaphoyisa ephendula ngokukhathazeka okuphakanyiswe udokotela womndeni mayelana nempilo yekhehla (101).

Isizathu sesenzo sale ndodana sibe yindida nakakhulu ngesikhathi ichaza inhloso yayo yokuqhubeka nokukhuluma noyise ongasekho.

Indodana ithe ngokugcina isidumbu ngemuva kokuthi leli khehla lishone ezinyangeni ezingu-18 ezedlule isengakwazi ukuxoxisana nomzali wayo ongasekho.

Njengoba iziphathimandla zicubungula leli cala seziphenya ukuthi kungenzeka yini kube nomkhonyovu mayelana nalesi sigameko esiyinqaba.

Khonamanjalo izikhulu zomkhandlu ezivakashele lapho okuhlala khona lo mlisa zichaze umuzi njengomapeketwane zakhipha nesinqumo sesonto elilodwa sokuthi ahlanze yonke indawo.

Ukutholakala kwalokhu kushiye umphakathi uzibuza imibuzo ngesimo somqondo wale ndoda. Impela bonke basale bebambe ongezansi.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Isiqandisi

Izihloko zakamuva