Isimanga efaka ibhodlela embotsheni yangasese

Kamogelo Olaitan

Owesilisa wase-Irani obenebhodlela lamanzi embotsheni yakhe yangasese uthwale kanzima izinsuku eziningi ethule ngoba enamahloni okutshela unkosikazi wakhe.

Unkosikazi wakhe umyise esibhedlela ngesikhathi ekhala ngezinhlungu zesisu, ecabanga ukuthi kungenzeka uqumbile – kodwa nangaleso sikhathi lo mlisa akazange akhulume iqiniso.

Akabatshelanga odokotela ukuthi uphethwe yini baze bathole ibhodlela elingu-17 cm nge-CT scan.

Ngokwendatshana eku-Clinical Case Reports Journal, owesilisa (50) ugweme ukusho ukuthi uzifake yena ibhodlela ngoba enamahloni futhi ephila “ngokwesaba unkosikazi wakhe.”

Ucwaningo luveze ukuthi lo mlisa ubefake ibhodlela elibhekise phansi ngethemba lokuthi uzosebenzisa uhlangothi olungaphezulu lebhodlela njengento yokubamba ukuze alikhiphe.

Ngeshwa ibhodlela ligcine livaleleke emathunjini amakhulu alo mlisa.

Owesilisa ongadalulwanga igama uphuthunyiswe wayohlinzwa kanti odokotela abahlinzayo bakwazile ukudonsa ibhodlela ngaphandle kokudala umonakalo emathunjini.

Odokotela basesibhedlela i-Imam Khomeini e-Sari bathi ukuzanelisa ngokocansi kuvame ukubangela lezi zimo.

Leli phephabhuku libike ukuthi le ndoda yaziwa nangomlando wokucindezeleka.

Ukhishwe esibhedlela ngemuva kwezinsuku ezintathu wabe esedluliselwa emtholampilo wabagula ngengqondo.

Izihloko zakamuva