Doreen Mokgolo
UThembi Ndlovu nendodakazi yakhe uLindo Maoka babe ngakulindele abahlangabezana nakho ngesikhathi behambele umkhuleko owawusezintabeni zase-Hiltonia ngoLwezi ngonyaka odlule.
Ngemuva kwesikhashana sekuphume inkonzo yomkhuleko bathunjwa bahlukunyezwa ngamadoda ayisithupha afuna u-R100 000 ukuze abakhulule.
ULindo wase-Ennerdale eNingizimu neGoli utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bazithela phezu kwabesilisa abathathu ngesikhathi beya endaweni yokupaka izimoto.
“Amadoda amabili abamba umama ngesikhathi enye ingishaya ifuna izikhiye zemoto ngenkani”.
“Ngazama ukulwa kodwa ekugcineni yanginqoba yakwazi ukuthola izikhiye zemoto yabe isisiphoqa ukuthi singene ngemuva emotweni,” kusho uLindo.
Uthe abasolwa bahamba nabo baze bayofika esigangeni esikudebuduze nomgwaqo ababegubhe kuwo ngenhloso yokuthi abashayeli bezomoto bezokhalakathela kuyo ukuze baba bambe kalula.
“Abasolwa basiphoqa ukuthi singene ehlathini ngaleso sikhathi babekhuluma bodwa bethi ngeke basidedele uma bengakayitholi imali abayifunayo,” kuchaza uLindo.
ULindo uthe abasolwa bafuna omakhalekhukhwini, okwathi uma bebatshela ukuthi babashiye ekhaya bavele bathukuthela baganu unwabu.
Ngemuva kwalapho bapequlula imoto bathola amakhadi amabili asebhange, elinye kwakungelesoka likaLindo.
ULindo uthe wabatshela ukuthi unemali engu-R250 kuphela ebhange kanti elinye ikhadi seliphelelwe isikhathi.
“Sashayela umakhalekhukhwini kamama owabe usele ekhaya sifuna u-R60 000 kodwa ubaba wakwazi ukusinikeza imali engu-R2 000 kuphela,” kuchaza uLindo.
UThembi uthe wayecabanga ukuthi bazofa ngesikhathi lo ongungqondongqondo ebuya ebhange esehamba namanye amadoda amathathu abangawazi.
“Wakhipha isibhamu wasabisa ngokuthi uzodubula omunye wethu uma singabaniki abakufunayo. Ngase ngikhathele nezinyembezi zingasaphumi sengikhale kakhulu zaze zoma, ngabatshela ukuthi kumele basikhulule noma basibulale ngoba umndeni wami awunayo leyo mali abayifunayo,” kusho uThembi.
Abasolwa baqhubeka nokushaya izisulu , bezishaya ngezibhakela, izimpama besebenzisa nezinduku.
Ekugcineni babadedela ngo-11 ebusuku. Izisulu zakwazi ukubikela amaphoyisa asase-Gauteng.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uKaputeni uKay Makhubela, ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe abasolwa abayisithupha kanti bazovela enkantolo ngoLwesibili ngamacala okuthumba nokushaya.