Isimanga bephanga izindlu zabantulayo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Amaphoyisa abambe izigebengu oqotsheni zintshontsha amafreyimu ezindlini zase-Madiba Park, Ekurhuleni ngoMsombuluko ebusuku.

Lezi zindlu zakhiwe umasipala wase-Ekurhuleni uzakhela izakhamizi zaseGugulethu nase-Everest kodwa izakhamuzi ezingajabule ezingafanelekelanga ukuthola lezi zindlu zivimbela abanikazi bazo ukuthi bahlale kuzo.

NgoNhlaba nyakenye baphoqa abanikazi balezi zindlu ukuthi baphume kuzo basabisa ngokuthi akekho ozohlala kulezi zindlu.

Manje izindlu ezinamagumbi amane ezinemibala egqamile zintshontsholwe amafreyimu amafasitela, amagiza namafreyimu eminyango. Abantu abangenamakhaya nabadla izidakamizwa bangene kulezi zindlu.

Abanikazi bezindlu bazinikele ngokugada ezindlini ebusuku ukuqinisekisa ukuthi azicekelwa phansi.

NgoMsombuluko ebusuku amavolontiya abambe iqulu lamadoda entshontsha amafreyimu amafasitela nezindlu zangasese ezindlini ezilayisha emavenini awo.

Ngesikhathi abasolwa bebona abebeqaphile bakwazile ukuphuma ngesivinini bashiya ezinye zezimpahla.

Manje izakhamizi zinovalo lokuthi ngelinye ilanga zizovuka zithole izindlu zazo zikhishwe uphahla.

Umqaphi uMaurice Matji utshele i-Scrolla.Africa ukuthi izigebengu zivame ukuphanga izindlu ezinganakiwe.

“NgoLwesibili ekuseni sithole umuntu odla izidakamizwa elayishe amafreyimu emgqonyeni onamasondo,” kusho uMatji.

“Ukwazile ukubaleka ngesikhathi esibona sisondela.”

Isakhamuzi uNonhlanhla Masuku uthe uselahle ithemba ngokuhlala endlini.

“Inhliziyo yami iba buhlungu nsuku zonke uma ngidlula kulo ndawo. Izindlu ziwohloka mihla namalanga futhi akukho esingakwenza ngakho,” esho.

“Nyakenye saba nesibindi sangena ezindlini zethu kodwa iqulu lamadoda abehlomile langena endaweni lafike lagqekeza amafasitela lasihlasela labeka izimpilo zethu engozini.”

Okhulumela umasipala uZweli Dlamini  ugqugquzele izakhamizi ukuthi zibuyele ezindlini zazo ukuze zingacekelwa phansi.

Esithombeni esingenhla: Ipaki yaseMadiba enezindlu ezicekelwe phansi

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva