Isimanga bentshontsha amakhebula esiteshini amaphoyisa ebukela

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ezigamekweni ezishaqisayo iqulu lamaphoyisa lithwetshulwe libukela amasela afike esiteshini sabakwasidlodlo e-Reiger Park akhipha amakhebula ahamba nawo.

Ochungechungeni lwamavidiyo asabalele ezinkundleni zokuxhumana amaphoyisa abonakala emi ngaphandle esiteshini  ngesikhathi izigebengu zintshontsha amakhebula phambi kwawo.

Abakwa-Saps sebekuqinisekisile ukuthi amaphoyisa okukhulunywa ngawo asethathelwe izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe futhi sekuthunyelwe ithimba elizimele ukuthi liyolanda amakhebula.

Kodwa ngokusobala lesi akusona isigameko sokuqala lokhu kwenzeka.

Omunye wezakhamizi zakule ndawo uthe izigameko ezifana nalezi ziyenzeka mihla namalanga futhi amaphoyisa ewenzi lutho ukuvimba izigebengu.

“Ukubika lezi zigebengu kufana nokubeka impilo yakho engcupheni” kusho isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa.

“Lezi zigebengu zisuke zihlomile futhi uma zithola ukuthi kukhona ozibikile emaphiyiseni, ziyamlimaza noma zimbulale.”

Ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokusabalala kwamavidiyo, abaphathi bamaphoyisa esiFunda sase-Ekurhuleni ngaphansi kobuholi bukaMajor General Anna Sithole bamemezele ukuthi amaphoyisa asetshale amabutho e-Reiger Park ukuze abhekane nokuntshontshwa kwamakhebula.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uLieutenant-Colonel Mavela Masondo uthe iqulu lamadoda ligijime laya ezindaweni ezahlukene ngesikhathi amaphoyisa namalungu e-Public Order Policing efika endaweni yesigameko.

“Abaphathi bawabonile amavidiyo aqoshwe ngasesiteshini samaphoyisa e-Reiger Park ngesikhathi amalungu omphakathi ebonakala emba amakhebula.

UMajor General Anna Sithole usigxekile lesi sigameko.

“Abaphathi besiteshi sebethathe  izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe kwamalungu abonakale kwenye yamavidiyo emi ebukela ngesikhathi kwenziwa ubugebengu,” esho esitatimendeni.

Uthe kujutshwe amanye amaphoyisa ahlanganisa amalungu esifunda, i-Essential Infrastructure Task Team, kanye namaphoyisa asebenza kahle emphakathini ukuze aphenye futhi anqande izindaba zokwebiwa kwamakhebula.

Amanye amakhebula ethusi ebiwe asetholakele kodwa amaphoyisa abengakabophi muntu.

Kuvulwe icala lokucekelwa phansi kwengqalasizinda ebalulekile ukuze kuphenywe.

Esithombeni esingenhla: Amasela antshontsha amakhebula ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa sase-Reiger Park

Umthombo wesithombe: @AbramJee

Izihloko zakamuva