Isimanga bengena nesidumbu eposini

Arthur Greene

Bagcwele amathafa abesilisa ababili ababalekela amaphoyisa ase-Ireland ngemuva kokuthatha isidumbu baye naso eposini beyozama ukuthola impesheni kamufi.

NgoLwesihlanu ekuseni usuku luqale  njengenjwayelo kubasebenzi baseposini lase-County Carlow. Kodwa ngabo 11.30 ekuseni kwenzeka uchungechunge lwezinto ezingajwayelekile.

Owesilisa ungene eposini wasondela etafuleni, wabe esecela ukunikwa impesheni yesakhamuzi sendawo uPeadar Doyle.

Ngesikhathi abasebenzi betshela lo mlisa ukuthi loyo ohola impesheni kumele azilandele yena imali wavele waphuma wahamba. 

Samsung Galaxy 14G

Ubuyele eposini ngemuva kwesikhashana nje esehamba nomunye wesilisa obemsiza ukuthwala isidumbu sikaDoyle, ngokusho kwe-Irish Times.

Waphinde wenza lokhu akwenze ekuqaleni, wasondela etafuleni wayocela impesheni kaDoyle.

Owesifazane othile eposini wavele waqaphela ngokwenzekayo wabe esethinta abasebenzi.

Abasebenza eposini bavele bamangala banqaba ukunikeza lo wesilisa imali ngemuva kwalokho bashayela ama-Gardaí, amaphoyisa ase-Ireland.

Laba besilisa ababili sebebona ukuthi bazongena enkingeni balahla isidumbu sikaDoyle badla phansi endaweni yesigameko.

Laba besilisa ababili kubikwa ukuthi bebemazi uDoyle, kodwa isenzo abasenzile sizobafaka enkingeni, kubika i-Irish Times.

Scrolla World Cup Quiz