Isimanga amaphoyisa enqaba ukusiza owesifazane owophayo 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Owesifazane (30) uhambe esiteshini samaphoyisa e-Philippi East, eKapa ethukuthele egane unwabu ngemuva kokuthi iphoyisa lichithe isicelo sakhe lamsola ngokuthi udakiwe.

Owesifazane oyisakhamuzi sasemijondolo yase-Marikana ubeye esiteshini samaphoyisa eyobika ngokuhlukunyezwa isoka lakhe kodwa amaphoyisa aye anqaba ukuvula icala.

“Sekuphele iminyaka eminingi isoka lami lingihlukumeza njalo uma lidakiwe. Angikaze ngibe nesibindi sokumvulela icala. Kodwa ngeSonto uye wangihlasela ngesikhathi ngibelethe indodana yethu,” esho.

Uthe isoka lakhe limshaye ekhanda ngenduku enkulu.

“Ngifike esiteshini samaphoyisa ngisezinhlungwini ngabo-7.25 ebusuku. Kuvele kwathuleka elinye iphoyisa langibuza ukuthi kwenzenjani. Ngiye ngachaza ukuthi isoka lami lingihlasele,” kusho lona wesifazane.

Kodwa-ke, kuthiwa esikhundleni sokumsiza leli phoyisa liye lamyalela ukuthi ahlale ebhentshini lamsola ngokuthi udakiwe.

Edidekile ukuthi kungani enganakwa owesifazane ugcine enquma ukuhamba ngehora lesishiyagalolunye ebusuku.

“Bengiphethwe isiyezi ngenxa yokulimala ekhanda. Ngitshele iphoyisa ukuthi angikaze ngiphuze utshwala ngalitshela ukuthi indoda engihlasele yiyo ephuze utshwala kodwa iphoyisa lingitshele ukuthi ngilinde ebhentshini,” esho.

“Ngikhethe ukuya ekhaya ngoba bengizizwa ngigodola futhi nginesiyezi. Bengingafuni ukuquleka esiteshini samaphoyisa ngoba bezingekho izimpawu zokuthi ngizosizakala.”

Lona wesifazane akaphumelelanga ukuvulela isoka lakhe icala.

“Kukaningi ngizwa abantu bekhala ngokungahlinzekwa kahle kwezinsiza eziteshini zamaphoyisa manje sengizibonele mathupha,” esho.

“Lokhu kuyakhombisa ukuthi kungani abesilisa beqhubeka nokuhlukumeza abesifazane. Bayazi ukuthi iziteshi zamaphoyisa zisebenza kanjani. Bengifuna aboshwe ayeke ukungishaya kodwa amaphoyisa akwa-SAPS ahlulekile ukungisiza.”

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape, uLieutenant Colonel Malcolm Pojie uthe abakwazanga ukuqinisekisa noma ukuphika izimangalo.

“Kodwa-ke, lezi zinsolo zithathwa njengezibucayi kakhulu njengoba ubugebengu obubhekiswe kwabesifazane nezingane kuyizinto eziseqhulwini kithi,” kusho uPojie.

“Zonke izikhalo kufanele ziphathwe ngaphandle kokubandlulula kodwa ngenhlonipho nangesizotha njengoba kubekiwe kumthethosisekelo wethu kanye nakwikhodi yokuziphatha yakwa-SAPS.”

Isakhamuzi uNandipha Jompolo (39) uthe abakwa-SAPS kumele balungise indlela abasebenza ngayo.

“Asikwazi ukubekezelela izikhulu ezehlulekayo ukwenza umsebenzi wazo. Lona wesifazane ubeswele isibindi sokuvula icala eminyakeni edlule kodwa ekugcineni ngesikhathi ethola isibindi uphucwe ithuba,” kusho uJompolo.

Esithombeni esingenhla: Owesifazane obeyocela usizo emaphoyiseni ngemuva kokushaywa isoka lakhe 

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva