Isimanga amaphoyisa ebukela izakhamizi zilwa

Buziwe Nocuze

Impi phakathi kwe-Kwasa Kwasa ne-Marikana yombango kagesi iyabhebhetheka.

Amaphoyisa ase-Hermanus abekhona ngosuku lokuqala – ebuka impi egqumeni le ntaba.

Impi iphakathi kwezakhamizi zase-Kwasa Kwasa ezihlala ezindlini zomxhaso ezikhokhela ugesi nabahlali basemijondolo yase-Marikana abazama ukuxhuma ugesi ngokungemthetho kuma-transformer ase-Kwasa Kwasa.

Kusukela mhla ziyishumi kuMfumfu, izakhamizi zase-Kwasa Kwasa bezigade ama-transformer kagesi, ukuvimbela abahlali base-Marikana ukuthi bantshontshe ugesi.

UMnu Siphamandla Lingani (40) wase-Marikana uthe abantu abahlala ezindlini zomxhaso kumele bakuqonde ukuthi ugesi akusiwo owabo. “Yebo ngiyavuma yibona amakhasimende akhokhayo, kodwa kumele siwuthathephi ugesi? Kumele siwuthole ngokungemthetho kuze kube sifakelwa ngokusemthethweni emijondolo yethu.”

UBonelwa Marhange (35) wase-Kwasa Kwasa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi abahlali basemjondolo yase-Marikana bethatha isinqumo sokuhlala kule ndawo ngokungemthetho, bebazi ukuthi kuzothatha isikhathi ukuthi bathole ugesi.

“Ugesi siyawuthenga, bona bawuthola mahhala,” esho, futhi balimaza ama-transformer ukuze baxhume ugesi ngokungemthetho. Ama-transformer aseduze nemizi yethu, nezinto zethu ezisebenza ngogesi ziyalimala uma bephazamisa ugesi wethu. Izimpilo zethu nazo zisengcupheni.”

Uma abahlali base-Marikana bezama ukuxhuma ugesi ngokungemthetho kuvame ukuqhuma.

Uye wathuka ngesikhathi ebona amaphoyisa emi entabeni ebukela ngesikhathi izakhamuzi zilwa. “Akusizi ukubiza amaphoyisa ngoba indlela asebenza ngayo sengathi afuna sibulalane, futhi ayakujabulela ukusibona silwa.”

Abahlali base-Marikana bebejikijela amatshe ophahleni lwezindlu zezakhamizi zase-Kwasa Kwasa babulala amafasitela azo, esho. “Okubuhlungu ukuthi ngeke sikwenze lokho emijondolo yabo ngoba singabulawa uma singazama ukuyokwenza lokhu abakwenzayo.

“Sisengozini uma siqhathaniswa nabo, futhi bathi sicabanga ukuthi singcono.”

ULingani wase-Marikana uvumile ukuthi bajikijele amatshe babulala amawindi ezakhamizi zase-Kwasa Kwasa. Kodwa lokho kungenxa yokuthi izakhamizi zase-Kwasa Kwasa ziyabavimba ekutheni bathole ugesi ezigxotsheni zikagesi noma kuma-transformer. Uthe iyamethusa indlela amaphoyisa enza ngayo umsebenzi wawo.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uKaputeni Frederick van Wyk uthe bekungakaboshwa muntu ngenxa yokuthi indawo yase-Marikana isegqumeni. “Amaphoyisa endawo nabezomthetho bathunyelwe kulezi zigameko kodwa akuboshwanga muntu.”

Uthe kulimale abantu abambalwa kwacekelwa phansi nezindlu ngesikhathi kuqhubeka lezi zingxabano. “Kuqhunyiswe izinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza izixuku, kwabhaliswa necala lodlame emphakathini.”

Isithombe esingenhla: Imijondolo yase-Marikana

Izihloko zakamuva