Isilwane sase-Thembisa esingakhombisi ukuzisola

Everson Luhanga

Indoda abayibiza ngeSilwane sase-Tembisa ime ingenakho ukuzisola futhi ingazanyazanyiswa, izibheke kabi izisulu zayo.

Usuku lokuqala lokuthethwa kwecala likaGift Mkhwanazi, owesilisa osolwa ngokudlwengula abesifazane abangama-33 e-Tembisa luqale ngoMsombuluko nezisulu zakhe ezintathu zikhona.

Ngotolika wesiZulu, uMkhwanazi waliphika icala ngemuva kokuthi umshushisi woMbuso efunde amacala. UMkhwanazi uwaphike wonke amacala ahlanganisa awokudlwengula, ukuzama ukubulala, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezikhali eziyingozi.

UMkhwanazi utshele inkantolo ukuthi ubengakaze ahlangane nezisulu nokuthi ubengasondelene nezehlakalo zobugebengu asolwa ngazo.

Isisulu sokuqala sitshele inkantolo ukuthi ngomhla zingama-29 kuNhlangulana ngowezi-2019, wayeyobungaza usuku lokuzalwa lukadadewabo endaweni yokucima ukoma e-Ivory Park. Utshele inkantolo ukuthi uMkhwanazi, obegqoke i-balaclava, wamlandela enodadewabo nomngani wakhe beya esangweni labo nokuyilapho afike wamubamba emuqhamukela ngemuva.

Ubasabise ngesibhamu efuna imali nomakhalekhukhwini wase ebaphoqa ukuthi bahambe naye. Wabaxwayisa ngokuthi uma bekhala, uzobadubula.

“Wangishaya ngesibhamu ekhanda,” kusho ufakazi.

“Nganqaba ukuhamba naye. Wathi kukhona azokwenza kimi engizozisola ngakho impilo yami yonke ngakho-ke ngalandela imiyalo yakhe,” etshele inkantolo ngesi-Tswana.

Ufakazi utshele inkantolo ukuthi lo mlisa wabayisa epaki kwathi ngesikhathi esabakhombe ngesibhamu wabatshela ukuthi bakhumule balale ngesikhathi izingubo zabo zibuqamama.

“Wasiyalela ukuba silale sibheke phezulu,” kusho ufakazi.

“Waqala ngokungidlwengula, wabe eseqhubeka nokudlwengula udadewethu kanye nomngani wethu. Wabe esengidlwengula futhi.”

Uthe wamyalela ukuthi enze ucansi lomlomo okuyinto ayenza, ngemuva kwalokho wabatshela ukuthi balale phansi ngobuso.

“Ube esenyamalala. Wahamba nesikhindi sami sangaphansi, ijezi likadadewethu nezinye izinto,” esho.

Ngaleso sikhathi ufakazi okhathazekile wakhala ube eseduduzwa ngutolika, umshushisi wombuso nezinye izikhulu.

Icala liyaqhubeka.

Izihloko zakamuva