
Menzi Magubane
Umqeqeshi we-Al Ahly, uPitso Mosimane, usayine inkontileka yeminyaka emibili.
“I-Al Ahly SC imemezele ukwelula inkontileka kaPitso Mosimane eminye iminyaka emibili ngemuva kwalokho akuzuzile eqenjini,” kusho isitatimende seqembu.
UMosimane uthe ama-Red Devils asazokwenza ezibukwayo.
Ubonge usihlalo weqembu uMohmoud El-Matip ngokukholelwa kuye.
“Ukwelulwa kwenkontileka ayinikeze nebhodi lakhe kukhombisa ukuthi basakholelwa ekutheni singazuza okwengeziwe esikhathini esizayo,” kusho uMosimane.
Imibiko iveza ukuthi uMosimane uzohola cishe imali engu-R2.5 million ngonyaka ngaphansi kwenkontileka yakhe entsha.
U-El-Matip wema nomphathi oneminyaka engu-57 ubudala ngesikhathi abagxeki bekhononda ezinyangeni ezimbalwa ejoyine iqembu esuka ku-Mamelodi Sundowns ngoMandulo ngonyaka ka-2020.
Abadlali bakudala beqembu nabanye babalandeli abazange bakholwe ngamaqhinga akhe phezu kokuba enqobe izindebe ezintathu ngesizini yakhe yokuqala.
“Ngibonga nezisebenzi zeqembu nabalandeli abahlale bengemuva kweqembu. Inkolelo nokusekela abalandeli kuyamangalisa futhi kuyangisiza kakhulu. Ngiyabathembisa nabaphathi beqembu ukuthi okuhle kuseza,” usho kanje.
NgoLwesibili ukuwina iligi kwenze i-Al Ahly leapfrog Pyramids esendaweni yesibili, yahamba phambili ngamaphuzu amabili nomdlalo osasele.
Lo mphumela uzoqinisekisa ukuthi abafana bakaMosimane bazimisele ngohambo oluya eNingizimu Afrika.
NgoMgqibelo ama-Red Devils azodudulana ne-Mamelodi Sundowns emdlalweni womlenze wesibili weqoqo- kwi-CAF Champions League e-Tshwane. Lona umdlalo ofana negqubu ngemuva kokuthi i-Downs ishaye i-Al Ahly ngo 1-0 e-Cario emasontweni amabili edlule.
Selokhu ihluliwe, i-Al Ahly isinqobe imidlalo emibili yeligi nowodwa we-Champions League ibhekene ne-Al-Merrikh. Lowo mphumela ubabuyisele emzileni wokuhlungela amaphuzu.
Nokho, uhambo lokubuyela e-Tshwane luzojabulisa uMosimane ngemuva kwento eyenzeka.
UMosimane uthole ukwamukelwa kabi ngabalandeli be-Downs abamthuka esendleleni ebheke enkundleni i-Loftus ngesizini edlule emdlalweni wama-quarter final kumqhudelwano ofanayo.
Umthombo wesithombe: @SportsBrief